Ivikela ababuthaka kakhulu ibhajethi kaCele

EMgungundlovu

Kwisabelo sezimali asanda kusethula ephalamende laKwaZulu-Natal uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Bheki Cele ubeke isamba sika-R1.8 billion esizobhekana nokwakhiwa kwemigwaqo ephephile ezosiza izakhamizi ezimpofu. Lolu chungechunge lwemigwaqo, uMnuz Cele uthe kumele kube ngolusebenziseka kalula, lwenze kufinyeleleke ezizindeni zomnotho kwabampofu futhi lusize abesifazane nabesilisa hhayi emadolobheni kuphela kodwa nasemiphakathini yasemakhaya.

Ethula isabelo mali sakhe, okaNdosi uthe inselelo enkulu ukuqinisekisa ukuthi sivikela ababuthaka kakhulu. "Ngaleyo ndlela sizokuba neqhaza ekulungiseni ukungalingani kwangesikhathi esedlule, kakhulukazi ukulwa nobuphofu," kusho uMnuz Cele. Phezu kuka-R1.8 billion owabelwe lo mnyango, kunesinye isamba sika-R423 mln okhishwe uMnyango wezokuThutha kuzwelonke wokuxhasa intilasipoti yomphakathi njengamabhasi. Uma sekuhlanganiswa no-R30 mln oqhamuka kwisabelo mali somnyango wesifundazwe, lokhu kwenza imali eyabelwe intilasipoti yomphakathi ikhuphuke iye ku-R454 mln.

UMnuz Cele uthe inselelo ebhekene nalo mnyango ngukwakha uhlelo olulandelekayo lwezokuthutha oluzohambisana neqhaza lesifundazwe ngokuba isango leNingizimu Afrika ekuhwebelaneni namazwe omhlaba. Uthe amachweba amabili alesi fundazwe - iTheku neRichards Bay - yiwona amatasa kakhulu ezweni, asebenza ngo-75% wempahla yaseNingizimu Afrika no-80% wemali etholakala ngokukhishwa nokungengiswa kwempahla ezweni. "Ukusebenza kwemigwaqo nololiwe KwaZulu-Natal kubaluleke kakhulu ekufezeni umgomo kazwelonke wokwakha uhlelo lwezokuthutha olusezingeni elifanele oluzokhuphula kunokuba lwehlise umnotho," uchaze kanje. Ibalelwa ku-75% wesabelo mali, okungu-R1.3 billion, imali eyabelwe ukwakhiwa nokugcinwa kwemigwaqo. Abanye abazohlomula kakhudlwana kule sabelo, izinhlelo ezilawulwa imiphakathi nezokugcinwa kwemigwaqo isesimweni njengoZibambele. Kulolu hlelo kuqashwa abafelokazi nabesifazane abaphethe imizi ukuba bagcine imigwaqo yasemakhaya isesimweni. Umnyango uhlose ukuba bafinyelele ku-40 000 abasebenza kuZibambele. Okunye futhi uMnyango ogxile kukona, ngukwehlisa ukufa kwabantu ezingozini zomgwaqo, kanti kulokhu sekubekwe uR254 mln wokuqhuba izinhlelo zeTraffic Management and Road Safety. "Umgomo wokuphephisa izimpilo ngokwehlisa izinhlekelele emgwaqweni kuhambisana nephupho lomnyango lokwenza ngcono izimpilo zabantu nokuqinisekisa ukuthi kunokusimama komnotho esifundazweni," kusho uMnuz Cele.

UCele uthi akuqoqwe izikhali ezingekho emthethweni

EMgungundlovu - UMnyango wezokuPhepha nokuVikela KwaZulu-Natal usuzibophezele ekwakheni amasu okubhekana nenkinga yokusabalala kwezikhali ezingekho emthethweni nokuqoqwa kwazo njengoba ziphazamisa ukuphepha nokuthula emphakathini. Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezokuPhepha nokuVikela uMnuz Bheki Cele ngenkathi ethula isabelo mali salo mnyango muva nje. Lesi simemezelo siqhamuka ngemuva kokuba sekube nokukhathazeka emphakathi ngokwanda kwezikhali ezingekho emthethweni kulesi fundazwe kanti silandela ukutholakala kwamabhomu esakhiweni sikahulumeni oLundi.

UMnuz Cele uthe uyakuqaphela ukuthi ukutholakala kwezikhali ezingekho emthethweni udaba olubucayi, kakhulukazi KwaZulu-Natal - isifundazwe esinolando wodlame lwezepolitiki nezinye izinhlobo zodlame. "Ukusabalala kwezikhali ezingekho emthethweni kusaqhubeka kugqugquzela nodlame emphakathini wakithi. Ngaleyo ndlela uMnyango wami uzonxusa yonke imikhakha, yonke imiphakathi, abantu abadala nabancane, ukuba bahlanganyele nathi ekulweleni ukuqedwa kwalezi zikhali," kusho uMnuz Cele. Uthe uthole umyalelo kuNdunankulu uMnuz Sbu Ndebele ukuba akhe uhlelo lokubhekana nale nkinga. "Phezu kwalokho, sizobheka izindlela zokuqoqa izibhamu ezingekho emthethweni ukuze siqinisekise ukuthi lezi zibhamu azibuyeli emuva zisebenze futhi," kugcizelela okaNdosi.

Okunye futhi, kusuka kule nyanga, uMnyango uzoqala ukuhlola ukuthi kuhamba kanjani ukubhaliswa kwezibhamu, uqinisekise nokuthi umthetho weFirearms Control Act ulandelwa ngendlela. Lo mthetho uhlose ukuqhamuka nezindlela zokulawula ukukhishwa kwamalayisense ezibhamu ezweni. UMnuz Cele uthe uMnyango wakhe uzoqalisa ngohlelo lokugqugquzela abantu ukuba bahlukane nokuhamba besabisa ngezibhamu ezingekho emthethweni. "Sikholwa ngukuthi kumele kuhlanganiswe abantu lapho zonke izakhamizi, omdala nomncane, omnyama nomhlophe, owesifazane nowesilisa, kuzomele baqonde ukuthi kubaluleke kangakanani ukusiza ngokuveza ulwazi emaphoyiseni, ukungathengeli izingane amathoyizi ezibhamu nokugqugquzela ukuthula nokungaphathwa kwezibhamu emphakathini," kusho uMnuz Cele. Uthe uphezu kwemizamo yokuthola izimali zokuqalisa ngomkhankaso "iSocial Mobilisation Campaign on Disarmament". "Lo mkhankaso uzoqoqa bonke abathintekayo abakhombisa ukukhathazeka ngokuphepha kwabantu bakithi nezivakashi kulesi fundazwe, ukuba bahlanganyele ekulweni nokusabalala kwezibhamu ezingekho emthethweni," usho kanje, engeza ngokuthi ubugebengu buqeda amathuba okulethwa kwezingqungquthela ezinkulu kulesi fundazwe. "Izinga eliphezulu lobugebengu nodlame kuxosha abatshali bezimali esifundazweni sethu bese kuphazamisa amasu esinawo okukhuphula umnotho, ukulethwa kwentuthuko, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi nokuqedwa kobuphofu."

 

back