

MASILWISANE NODLAME OLUBHEKISWE KWABESIFAZANE NEZINGANE EMIGWAQENI YETHU
Umkhankaso
kaZwelonke wezinsuku ezingu-16 zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane
nezingane uqale ngmhlaka-25 Novemba 2003, kanti njengoNgqongqoshe wezokuThutha
KwaZulu-Natali ngiyaphinda nginxusa wonke umphakathi ukuthi ulwisane nodlame
olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Angiqali ukunxusa umphakathi ngaloludaba. Ngiyaphinda ngiyalugxeka
njengobulwane udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane futhi yinto esingasoze
sayibekezelela. Izigilamkhuba ezenza lesisenzo esinyantisayo ziyojeziswa
ngaphandle kozwelo.
Nginxusa zonke izakhamuzi zaseNingizumu Africa ukuthi zibambe iqhaza ekulweni
nalomkhuba omubi kangaka. Yonke inhlobo yodlame oluqondiswe kwabesimame, ngabe
yizitikha ezibabhuqayo zibehlise nesithunzi kumbe ukushayela okubeka izimpilo
zabantu ebucayini, konke lokho kungukuhlukumeza amalungelo oluntu.
Ukushayela budlabha, ukushayela uphuze utshwala, ukuvuka umbhejazane
emgwaqeni kuholela ekulimaleni ngisho nasekufeni kwabantu. Loludlame luvamise
kakhulu ukuqondiswa kwabesifazane nezingane. Maluphele nya loludlame emigwaqeni
yethu.
Nonyaka loludlame luzodingidwa kabanzi futhi kuboniswane nentsha yabafana
namantombazane mayelana nezindlela zokuqeda lomkhuba omubi kangaka.
Masihlangane sonke ekulweni nokudlwengulwa, ukuhlukunyezwa nokubulawa
kwabantu besifazane nezingane. Masingagcini lapho kuphela kepha masibuyisele
isiko loBuntu nokuyilona eliqhakambisa ukuphathwa kahle kwezingane nabantu
besifazane.
Udlame olubhekiswe kwabesifazane luvamisile kwabasebenzisa umgwaqo lapho
uthola khona kuhlukunyezwa abantu besifazane baze bahlaselwe nokuhlaselwa imbala.
Loludlame aludalwa wukulakanyana kwezimoto emgwaqeni kepha isisusa salo ngumuntu
ohlala ehluthukile ongenasineke. Kuvamisile ukuthi ukuhluthuka lokhu kuphethe
ngokushaywa kwabantu besifazane kwesinye isikhathi beshaywa phambi kwezingane
zabo. Ubuqaba obunjena asihambisani nabo.
Ngeke lobubulwane buphele uma amadoda engaguquli imiqondo nezinhliziyo zawo
ahambisane nesiko lamalungelo esintu. Masiziqhelanise nabo bonke labo abanodlame
kubantu besifazane kingaba ngabashayeli, abagibeli kumbe abahamba ngezinyawo.
Izzitikha ezinamazwi aziswana aqondiswe kwabesimame zibacokofula ngokuma
kwemizimba yabo azinandawo kwiNingizimu Africa Entsha. Labo abasafaka
lezizitikha ezimotini zabo kumbe ematekisini kumele bazi ukuthi lamahlaya abo
awagcini nje ngokuthunaza abantu besifazane kepha abhebhezele umoya
wokungabahloniphi oholela ekuhlukunyezweni kwabo.
Lomdlalo obulalayo wokugeyima ovamise kubashayeli bamadoda olunye uhlobo
lodlame olunemiphumela enyantisa igazi. Yize lomdlalo ungaqondene ngqo nodlame
olubhekiswe kwabesifazane nezingane kepha ugqugquzela ukushayela budlabha
okuholela ekulimaleni nasekufeni kwezingane nabesifazane.
Sifuna ukuthula emigwaqeni yethu. Nginxusa bonke abasebenzisa imigwaqo lapha
eNingizimu Africa ukuthi sihlangane sibe munye ekuqedeni lendlakadla. Wumsebenzi
wethu sonke ukuthi sibike zonke izigameko zodlame emgwaqeni. Yiba yisakhamuzi
esiqotho, bika izigameko zokwephulwa kwemithetho yomgwaqo kuMpimpa Hotline
kulenombolo (086 221 1010). Ngokwenze njalo uyobe wenze omkhulu umsebenzi
wokuvimbela udlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.
PHANSI NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE NEZINGANE EMIGWAQENI PHANSI!
PHAMBILI NOKUHLONISHWA KWAMALUNGELO ABESIFAZANE NEZINGANE
PHAMBILI!
S’BU NDEBELE
UNGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHA
KWAZULU-NATALI
back
|