INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHA KWAZULU-NATALI UMNUMZANE S'BU NDEBELE ENGQUNGQUTHELENI YAMINYAKA YONKE YOMNYANGO WEZOKUTHUTHA, KWAZULU-NATALI, 30 May 2000

Mphathi Wohlelo
Abantwana BaseNdlunkulu
Amakhosi
Ongqongqoshe bakaZwelonke Abakhona
Ongqongqoshe Abavela Kwezinye Izifundazwe
Amalunga Aphuma kumaPhalamende Ahlukene
Amalunga Ekomiti Lezokuthutha ePhalamende
IziMeya namaKhansela
Amalunga amaForamu Ezokuthutha
Amalunga Emikhandlu Yezokuphepha Emigwaqeni
Amalunga Ososesheni Bamatekisi
Amalunga eThimba Lezindaba Zamatekisi
Umnumzane uMbanjwa kanye nezikhulu zoMnyango wezokuThutha
Abezindaba
Izihambeli zethu ezihloniphekileyo
Bafowethu nodadewethu

Mangiqale ngokubonga ukusisekeka kwenu ngokuba nifike. Kunginika injabulo mina noMnyango wami ukubona lendlu igcwele phama emhlanganweni waminyaka yonke wokuzonikeza umbiko ngokwabiwa kwebhajethi.

Kuyinhlalayenza ukuthi ngibikele amaKhosi, amaForamu kanye nosozinkonteleka abasafufusayo mayelana nosekwenziwe nguMnyango enyakeni ofile wezimali nanokuthi ngichaze ngokuzokwenziwa nguMnyango nonyaka. Sekungumhlangano wesihlanu wenziwa nguMnyango lona. Lemihlangano inikeza nina njengomphakathi ithuba lokuthi nizibonele ngo "si" osekwenziwe nguMnyango wezokuThutha.

Kulokhu simeme Amakhosi, AmaForamu asemaKhaya, imiKhandlu Yezokuphepha emGwaqeni, Ososesheni boSozinkonteleka Abasafufusa kanye noSosesheni bamaTekisi. Sizamile ukuthi simeme bonke abathintekayo kuleNgqungquthela ngoba kumanje uMnyango WezokuThutha uphezu kwezinguquko ezizodala umahluko omkhulu endleleni esiwusebenzela ngayo umphakathi kuleminyaka elishumi ezayo.

Umnumzane Mbanjwa ongumphathi woMnyango, uzonichazela kabanzi ukuthi uMnyango uzoma kanjani emva kwezinguquko. Okwami ngukuthi ngichaze izizathu zaloluguquko nokuthi yikuphi okumele nikulindele.

Mangigcizelele njalo belu ukuthi ithimba elibhekene naloluguquko aligudlukanga emgomweni ebeliwubekelwe wokwakha izinhlaka ezizohlela kahle imisebenzi yomyango ngendlela ezoba lusizo emphakathini esiwusebenzelayo. Lapha bekungasebenzi ukuthi ungubani wakwabani ngoba kuqhamuke uhlaka oluya phambili noluhambisana nesikhathi sentando yeningi.

Loluhlelo silubiza nge "One Stop Shop" okungukuthi uthola konke okudingayo endaweni eyodwa ikakhulukazi kuleyomiphakathi yakithi eluhluphekela kakhulu usizo lukaHulumeni nebingonyamana mbana ngesikhathi soBandlululo.

Ngenkathi ngigcotshwa njengoNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natali ngonyaka ka-1994 ngakuthatha njengomgomo okumele ngiwufeze owokwakha imigwaqo, indawo ephephile kanye nokuvula amathuba amabhizinisi kulabo ababencishwe amathuba ngaphambilini. Ngikholwa wukuthi kuloHulumeni wobumbano okhona njengamanje KwaZulu-Natali kungumsebenzi wami ukufeza lokhu njengoNgqongqoshe wezokuthutha.

Enkulumeni yami yanamhlanje ngizonazisa ngesabelo sezimali kulonyaka wezimali ka2000/2001. Emva kwalokho ngizobe sengichaza ngoguquko nalokhu esikubiza nge "One Stop Shop".

Kumanje-nje ngiNgungqongqoshe osenesikhathi eside kunabo bonke oNgqongqoshe bezokuThutha eNingizimu Africa. Zwana ngikutshela, asinsangu lesisikhundla. Njengozakwethu kwezinye iziFundazwe, nami bengilindeleke ukugila izimanga ngebhajethi encane kakhulu. Lokhu akuqali ngoba oHulumeni abahlukahlukene kusukela ngo-1975 bebenebhajethi encane yezakhiwo zokuthutha.

Impela imali yonke ephelela ekwakhiweni kwemigwaqo ezifundazweni nakuZwelonke ngo1995/1996 kube ngu 3190 wezigidi zamaRandi kuno 3250 wezigidi zamaRandi ezakhishwa phakathi kuka 1068/`969. Kusukela ngo1975 izimoti zezimboni ezisebenzisa imigwaqo isibalo sazo senyuka ngo 7 phesenti ngonyaka kanti kwezinye iziFundazwe izibalo senyuka ngo 3 phssenti kuphela ngonyaka.

Ngumsebenzi ohlula ukwenza ukwakha imigwaqo ibe sezingeni elifanele kodwa kube kulungiswa nezinkinga ezadalwa wuBandlululo kulebhajethi encane kangaka. Yize kunjalo akumele sahluleke.

Bangaphezu kuka-80 phesenti abantu nezimpahla abasebenzisa imigwaqo KwaZulu-Natali. Lokhu kuchaza ukuthi uma imigwaqo yethu idilika ngokunjalo nomnotho uyadilika.Lokhu kugcina sekulimaze nomnotho ezweni lonke njengoba amachweba aseThekwini nase-Richards Bay esihlanganisa nomhlaba.

Ibhajethi ka2000/2001 yenyuke kusuka ku 696 wezigidi zamarandi yafika ku 855 wezigidi zamarandi. Yize amaphesenti angu-80 ebhajethi yethu eqondaniswe nophiko lwezentuthuko, lebhajethi ayenele.

Ucwaningo olusanda kwenziwa suluvele nokuthi amaphesenti angu 40 emigwaqo mayilungiswe ukuze ikwazi ukuphinde ilungiseke uma yonakele. Lapha sibala amakhilomitha anu800 omgwaqo wetiyela. Labo benu abasebenzisa uR618 osuka eMtubatuba uye kwaNongoma bazi kahle ukuthi sithi sakha ngapha kube kudilika ngapha.

Ososayensi bezemigwaqo benza ucwaningo olunzulu anduba kuqhamuke izikhukhula ezadiliza imigwaqo yethu. Njengoba nazi lezizikhukhula zadala umonakalo ngalezizindlela :

  • imigwaqo yaguguleka
  • unqenqema lwemigwaqo eyahlukahlukene lwaguguleka
  • imigwaqo yagubheka yazigodigodi
  • kwadilika izinsika zamabhuloho
  • kwaguguleka nezakhiwo eziqonde emabhulohweni
  • okungamabhulohwana amancanyana kwaguguleka
  • Sikholwa ngukuthi kuzothatha izigidi ezisikhombisa zamarandi ukubuyisela imigwaqo eyonakele esimweni ebiyisona ekuqaleni. Mangigcizelele ukuthi lesisimo kuseyileso lapho u-40 phesenti wemigwaqo yethu isesimweni esingasenakulungiseka.

Izibalo zithi kuleminyaka emihlanu ezayo uMnyango nemigwaqo uzodla izigidi 1 150 zamaRandi ezinhlelweni zokuphucula nokulungisa imigwaqo ukuze kuvaleke igebe elikhona emigwaqeni yasemaKhaya.

Kubalulekile ukuthi nina njengomphakathi osebenzisa imigwaqo nazi izindleko enizongena kuzona uma thina sahluleka ukugcina lemigwaqo isesimweni esigculisayo. Bheka nje :

  • izindleko zokusebenza kwezithuthi zizonyuka ngezigidi ezingu 1280 ngonyaka
  • izindleko eziphathelene nokonakala komgwaqo ngenxa yezingozizizonyukela ezigidini ezingu120 ngonyaka
  • izinga lemigwaqo yethu lizokwehla ngezigidi ezingu150 ngonyaka

Ngamanye amazwi, uma sahluleka ukutshala u-1150 wezigidi zamarandi ekulungiseni imigwaqo, umphakathi wonke osebenzisa imigwaqo kwaZulu-Natali uzolahlekelwa zigidi ezingu 1 160 zamarandi ngonyaka umunye.

Ningangizwa kabi okombholofithi wembubhiso kodwa enginitshela khona ngukuthi "Uma imigwaqo yethu idilika, nomnotho wethu uzodilika". Sidinga kakhulu ukwesekwa ngumphakathi waKwaZulu-Natali ekutheni ibhajethi yoMnyango wezokuthutha yenyuswe.

Ngakolwethu uhlangothi :

  • sizoqhubeka nokuncenga ikhabhinethi yesiFundazwe nekaZwelonke ukuthi senyuselwe ibhajethi
  • sizoqhubeka nokuzama ukuthola ibhajethi yesithasiselo ikakhulukazi leyo ebhekene nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi
  • sizoqhubeka nombimbi nezikhungo ezizimele ekuxazululeni izinkinga nezidingo zemigwaqo
  • sizoqhubeka nezinhlelo zokwakhiwa nokulungiswa kwemigwaqo sicabangela labo abebencishwe amathuba ngesikhathi soBandlululo

Sizozama ngayo yonke indlela ukuthi ibhajethi siyisebenzise ngendlela ezocabangela umphakathi ukuze ubone ukuthi imali senzani ngayo.

Bafowethu nodadewethu, manje sengingena esigabeni sesibili engizokhuluma ngaso; I "One Stop Shop".

Uguquko kwezepolitiki ludinga ukuthi kulungiswe iminyango kaHulumeni ngendlela ezokwenza kusebenzeke kahle. Lokhu kubaluleke kakhulu eningizimu Africa ngoba abantu balindele ukuthi uguquko lwepolitiki ludale uguquko ezimpilweni zabantu kanye nangasohlangothini lwezomnotho.

Ngonyaka ka1994 kwathi uma sizithatha izintambo zombuso njengoHulumeni omusha okokuqala esakuqaphelayo ngukuthi okuyisona sithiyo esikhulu ekusebenzelaneni phakathi komphakathi noHulumeni, yilemigudu ngemigudu ekhona eminyangweni kaHulumeni. Sathola nokuthi lemigudu kaHulumeni ayisebenzisani kahle nomphakathi. Singakhohlwa kanjani yinqubo yezokuthutha yoBandlululo eyadala iziteleka zamabhasi nalapho bagxavuna uGanghi bamlaxaza ngaphandle kwesitimela ngenxa yebala lakhe. Inselelo enkulu ebesibhekene nakho njengoHulumeni eminyakeni eyisihlanu yokuqala bekungukuguqula indlela yokusebenza kube ngeyokubambisana nomphakathi nokuthi kube nokumelelwa okufanele ngokwebala nangokobulili.

Thina eMnyangweni wezokuThutha lokhu sibhekane nakho ngokuthi sakhe izinhlaka zomphakathi esizosebenzisana nazo. Kulezizinhlaka singabala amaForamu ezemigwaqo yasemakhaya, imikhandlu yezokuphapha emigwaqeni, oSosesheni bezamatekisi kannye noSosesheni boSozinkontileka Abasafufusa. Zonke lezizinhlaka ziqinisekisile ukuthi kunabantu abafanele ukudala uguquko ngendlela yokubonisana.

Kuleminyaka eyisithupha eyedlule kwakhiwe izisekelo eziqinile ngezinqubo ezintsha nezindlela ezintsha zokukhishwa kwebhajethi kanye nezindlela ezingcono zokuqinisekisa ukuthi inhloso yethu yokuthi kucatshangelwane iyafezeka. Isiqubulo sethu esithi inqubekela phambili sesiyinto ephathekayo emiphakathini yasemakhaya ebikade ilahlwe kude-le ngenxa yobandlululo.

Uhlelo lwaloluguquko, olwenziwa nguMnyango wezokuThutha lwakhela phezu kwezinhlelo ezikhona zokucabangela imiphakathi empofu. Lezizinhlelo singabala kuzo ezokwakhiwa nokuthuthukiswa kwemigwaqo yasemakhaya, uZibambele, ezamatekisi nezithuthi zomphakathi, nguRTI, uhlelo luka-Asiphephe -zonke zizomiswa kabusha ngokwaloluguquko.

Uhlelo luka-Asiphephe luzoqiniswa kakhulu kulezizinguquko.

Kanjalo nginentokozo enkulu ukumemezela ukuthi uphiko lwezentuthuko luzohlomula ngebhajethi ka145 wezigidi (R145 mllion) okuzothi izigidi ezingu15 zamarandi zinqondano noZibambele bese kuthi u-130 wezigidi (R130 mllion) ubhekiswe emigwaqeni engenela ezindaweni zemiphakathi noSozinkontileka abasafufusa.

Abantu abahlomulayo kuloluhlelo ngabantu abangakaze bawathole amathuba okuhlomula ezinkontilekeni zikaHulumeni. Kusukela emindenini ehlupheke kakhulu njengakuZibambele njena, kuze kufike ezinkontilekeni ezisafufusa ezingafiki ku-600 000 wamaRandi.

Ngonyaka wezimali ka 1999/2000 uwodwa sesikhiphe izinkontileka ezingu 2700 zikaZibambele emindenini yabampofu kanye nezinkontileka ezingu 418 kwabasafufusa. Usteji-1 zingu218 bese kuthi uSteji-2 zingu-86 bese kuthi uSteji-3 zingu114).

LaboSozinkontileka abasafufusayo yiboba abakhanda amakhilomitha ngamakhilomitha emigwaqo yasemakhaya bafaka nograveli amakhilomitha angamakhulu ayisikhombisa emigwaqo.

Sebakhe namabhuloho angu-34 amancane nemingenela kanti namanye amabhuloho angu32 baphezu kwawo ngikhuluma nje. Lonyaka sizimisele ukuthi sikhiphe izinkontileka zikaZibambele ezingu 6000 bese sinikeza ngezinkontileka kwabasafufusa ezingu 150 wezigidi zamarandi.

Ihhovisi lethu elibhekene nezindaba zamatekisi liza kahle kakhulu nomsebenzi wokubhaliswa kwamatekisi nokucazwa kwemigudu. Kumanje nje sekubhaliswe amatekisi angu-18 000 kanti namaphemithi achaza imigudu yokuhamba kwawo asekhishiwe.

Kusungulwe nemifelandawonye nezindawo zokusebenzela lamatekisi ukuze lemboni ithuthuke. Ngonyaka odlule sasungula inkampani Umthombo Investments okuyinkampani lapho osomatekisi bezoba namasheya khona. Yonke lemifelandawonye yamatekisi yakhiwe ngokubambisana phakathi koMnyango wezokuThutha nabaholi bezamatekisi ukuze kusizakale umphakathi esiwusebenzelayo. Amaphesenti angu60 kuya kwangu70 abantu abasebenzisa umgwaqo bethembele ematekisini. Nginenkulu intokozo ukumemezela ukuthi ngggomhlaka 29 Febhuwari ngahlangana nabaholi bamatekisi baweseka ngo"Elethu" umbono wokulungisa kahle lemboni.

Loluhlelo kuqondwe ngalo ukungenisa uhlobo lwamatekisi olumumatha18 no 35 wabagibeli okuzodala ukuphepha. Lokhu kuzokwenza abagibeli babe nohambo olungcono kunakuqala.

Ngithi mangigcizelele ukuthi amaphesenti angu60 kuya kwangu70 abasebenzisa umgwaqo bethembele ematekisini. Loluhlelo lokuhlelwa kwawo kabusha luzoknciphisa izingozi. Kodwa-ke lokhu akwanele ekwenzeni uhambo ngamatekisi lube ngoluphephile. Lemboni isenezingxabano kakhulu ezedlula nemiphefumulo yabantu. Niyabakhumbula abantu abangu14 ababulawa eMpangeni erenke yamatekisi. Lokhu kwaba yisigameko esisodwa kweziningi ezihlele zenzeka. Iningi lenu njengoba nilapha nje lifike ngawo kanye lamatekisi. Ngakho nazi khle ukuthi loludlame olukhona ematekisini lunithinta kanjani nina njengabagibeli.

Sengithathe izinyathelo eziqinile ekuqedeni loludlame Iminyaka ngeminyaka kulanyulwa kuze kulamule neSilo SamaBandla uqobo yonke leyomizamo ayikwazanga ukuluqeda loludlame. Sengisungule ikhomishane ephethwe yiJaji u-Aboobaker ezosebenzisana namathimba azokhethwa. Lekhomishane izoba namandla engalo yomthetho.
Lena kuzoba yiTRC yezamatekisi. Izoqala ngoJuni ukusebenzaLekhomishani izoluqeda nya udlame olukhungethe ezamatekisi ibambule izinqe bonke labo abahlomulayo ngokufa kwabantu.

Izingozi zemigwaqo zidla imali engaphezu kuka 17 bhiliyoni wamaRandi emnothweni. Lemali ilingana nebhajethi yesiFundazwe sonke sskithi. Izingozi lapha KwaZulu-Natali zidla ngaphezu kuka 2bhiliyoni wamarandi emnothweni. Ibhajethi yezokuthutha ingaphindwa kabili kulemali emosekayo. Sinokuzimisela okukhulu thina njengoMnyango ukunciphisa izinga lezingozi zemigwaqo. Kumanje nje kwaZulu-Natali sisemkhankasweni wokungabekezeleli osikhwili-phambana nobhoko emgwaqeni. Sinamabhasi ahambe efuthisa amabhelunde nemishini ebheka abashaya ngesivinini. Sinethemba lokuthi imikhandlu emisha ebhekele ezemigwaqo izobamba elikhulu iqhaza ekudaleni isiko lokuhlonishwa kwemithetho yemigwaqo ukuze kuphephe abantu besiFundazwe sethu.

Lapha KwaZulu-Natali sesiqhamuke nomkhankaso owaziwa nge"Zero Tolerance" okungukuthi wumkhankaso ongawabekezeleli amanyala. Kulomkhankaso sifuthisa amabhelunde kulabo abasolekayo ophuzweni, sipopole ngamakhamera abashaya ngesivinini, sibuye sisebenzise ubuchwepheshe bamakhompiyutha ukubamba izigangi.

Ngo-October uhlelo lweAARTO okuwuhlelo oluphenya amacala ngekhompiyutha, luzoqala ukusebenza. Loluhlelo luzothatha umsebenzi wenhlawulo owenziwa zinkantolo enziwe yikhompiyutha. Ngakho-ke wonke umuntu makakhokhe uma enenhlawulo.

Imikhandlu yezokuphephe emgwaqeni izodlala elikhulu iqhaza ekusizeni umnyango ukuthi udale isimo sokuphephe emgwaqeni.Yize uMnyango Wezokuthutha sewenze ngcono ekutheni ibhajethi uyehlukanise ngokulingana, kusekuningi okumele kwenziwe.

Umongameli wezwe uMnumzane Thabo Mbeki, usekubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuthi uHulumeni wakhe wahlulelwe ngokuthi ukwazile yini ukuqeda ubuphofu ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya nasekuletheni imisebenzi yezidingo zansuku zonke kubo bonke abantu.

Yonke iminyango kaHulumeni isithole umyalelo kuMongameli yokuthi mayibheke ukusebenza kwayo namabhajethi abuyekezwe nabasebenzi bahlelwe kabusha ukuze umphakathi uthole ukusetshanzelwa okungcono. Inhloso lapha ngukuphathwa kahle kwezimali zomphakathi, ukuqedwa kokuxhashazwa kwezimali zomphakathi kanye nokwenyusa izimali zomphakathi ekuthuthukiseni imisebenzi kaHulumeni.

Ngenkathi ethula Inkulumo-mgomo ePhalamende mhla zingu-4 Febhuwari 2000, uMengameli wamemezela ukuthi kulonyaka ka2000 uHulumeni uzoqalisa izinhlelo zokuthuthukisa izindawo zasemakhaya.

Ngenkathi enza lesisimemezelo uMongameli wagcizelela wathi " Imigwaqo yasemakhaya ibaluleke kakhulu ekutheni intuthuko yasemakhaya iphumelele".

Kanjalo ngakhipha umyalo ngawuqondisa ngqo kuMnumzane Mbanjwa onguMphathi woMnyango ukuthi makahlele kahle umnyango wezokuthutha ukuze lezizinjongo zikaMongameli zifezeke. Ngamphonsa umbuza okumanje esengiwuphonsa kinina. Umbuzo uthi "Uzophumelela kanjani umnyango ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya kulezinhlobonhlobo ezahlukahlukene zemisebenzi eyenziwayo uma kwawona useyinhlakanhlaka kanjena na?

Imisebenzi yethu esihlelwe kabusha siyibiza nge"One Stop Shop". Umnumzane Mbanjwa uzochaza kabanzi ngemininingwane nemidanti ephathelene nalokhu. Engizokusho mina ngukuthi osiyazi bayachaza ukuthi uma imisebenzi kaHulumeni ingatholakali ndaweninye, kuba nzima kubantu ukuthi bafinyelele kuyo, kanti futhi labo abampofu bathola obukhulu ubunzima ekufikeni kuHulumeni. Kuyancomeka ukuthi uHulumeni abe seduzane nabantu, ukuze abantu bazithole zonke izidingo zabo, bangaphelelwa yimali abayisebenze kanzima bezama ukuxhumana neminyango kaHulumeni.

Loluhlelo lwe"One Stop Shop" luzokwenza ukuthi izinto zonke nizithole
eduzane nalapho nihlala khona. Luzokwenza ukuthi kube lula nokuxhumana
umuntu engalokhu engena iminyango ngeminyango anduba athole usizo. Lokhu kuzokonga imali futhi nabantu bangakhandleki. Isikhathi sikaHulumeni, imali yomkhokhi-ntela, isikhathi sakho nemali yakho.

Ngizibonele ohambweni lukaMnumzane Mbanjwa kuzo zonke iziFunda ukuthi kuvuke ithemba kubantu abaningi eMnyangweni wezokuthutha, ikakhulukazi ngokwemisebenzi yabo. Sizokwakhela phezu kwalamathemba. Ngithokoza kakhulu futhi nokuthi izinyunyane kuxoxiswene nazo zabamb elikhulu iqhaza leli. Uhambo lukaMbanjwa lubuye lwavumbulula namafindo abekade ekhona okwesaba. Lamafindo sizowaqaqa asonjululwe ngaphandle kokuhlehlisa izinguquko. Kuzovuleka amathuba amaningi okwenyuselwa phezulu kulabo abasebenza ngokuzinikela. Kulabo abalwesabisa okwemamba uguquko ngifisa ukuphinda amazwi kaMongameli Mbeki :

"Makuthi labo abanesifiso, babambisane ekuletheni ithemba kithi sonke"

Sengiphetha ngithi, kuyo yonke leminyaka eyedlule, uMnyango wezokuThutha uqhamuke nezinhlelo eziwuxhumanisayo nomphakathi nababambe iqhaza. Lokhu sekusenze sanezindlela zokusebenza ezidala amathuba emisebenzi, amabhizinisi kanye nengcebo ikakhulukazi kulabo abebencishiwe amathuba ngaphambilini. Manje sesifuna ukuhlela kahle indlelam esisebenza ngayo ukuze umphakathi okuyiwona esiwusebenzelayo uthole ukunethezeka ngemali yawo futhi usithola kalula. Yize izimali zingabonwa sizoqhubeka nokwakhela imiphakathi imigwaqo, sivule namathuba emisebenzi, namabhizinisi kubo bonke labo abebencishiwe amathuba ngaphambilini.

Ngiyabonga!


Issued by the Office of the MEC for Transport, KwaZulu-Natal, 30 May 2000



back