

INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHA KWAZULU-NATALI UMNUMZANE S’BU
NDEBELE ETHULA UHLELO LOKUQEQESHWA KO-ZIBAMBELE EKUBEKWENI KWEZIMALI (ZIBAMBELE
SAVINGS CLUBS)
25 August 2003
Kwaba yintokozo kimi ukwethula uhlelo lokulungiswa
kwemigwaqo KwaZulu-Natali uZibambele mhlaka-27 January 2001. Njengoba
ngizovula uhlelo lwezoqeqesholuka-Zibambele noluzokwenganyelwa zikhwama
zokonga imali (Zibambele Savings Clubs) ngizophinda engakusho ekuqaleni
mhlazane kusungulwa uZibambele. Isizathu sokwenza lokhu ngukubheka ukuthi
sesihambe kanjani njengoMnyango ekuthuthukiseni omama basemakhaya.
Ukuthuthukiswa komama basemakhaya kumele singakubukeli phansi.
Amalungelo abantu besifazane ashicilelwe ngaphansi
komthetho-sisekelo waseNingizimu Africa. Uhlaka lwemithetho yezwe lethu
lusijuba ukuthi sisebenze ngenkuthalo ekuthuthukiseni abesifazane
ngakwezomnotho nakweminye imikhakha. Kunezizathu ezibalulekile zalokhu.
Iminyaka ngeminyaka abantu besifazane ikakhulukazi
aboMdabu bebecindezelwe ngezindlela eziningi icala labo kungukuthi
bangabesifazane. Abesemakhaya bona bekukubi kakhulu.
Yingakho nje kwathi uma siqalisa loluhlelo
lukaZibambele sacabangela lawomakhaya aphethwe ngabesimame.
Kuyangikhathaza ukwazi ukuthi izingane ezingamaphesenti angu-46 zihlala
nomama bazo. KwaZulu-Natali kubi kakhulu khona ngoba siphuma odlameni
olwesabekayo olushiye izintandane nabafelokazi.
Mina ngikhulele emakhaya khona lapha KwaZulu-Natali.
kanti ngikwazi kahle ukuhlupheka. Ngizibonele ngawami amehlo omame
bezondlela bona imindeni yabo ngoba obaba bengasekho. Ngilubonile usizi
komame abangakwazi nokugqokisa izingane zabo bengenakuziyisa nasesikoleni.
Kubuhlungu ukwazi ukuthi lolusizi lukhungethe iningi
labesifazane basezindaweni zasemakhaya kulesisifundazwe sakithi. Siyakwazi
lokhu ngoba ingane eyodwa kwezintathu ezingafundi kwezineminyaka esukela
ku-6 kufike ku-14, iqhamuka kulesisifundazwe saKwaZulu-Natali. Siyazi
nokuthi abantu abayizigidi ezingu-2.5 KwaZulu-Natali bahlwempu. Sikwazi
lokhu ngoba imininingwane yezempilo ikhomba ukuthi amaphesenti angaphezu
kuka-40 ezingane zalesisifundazwe azikutholi ukiudla okunomsoco. Siyazi
ngoba iningi labesifazane lisengozini yesifo sikamashayabhuqe ngenxa
yokucwaswa nawukuhlukiunyezwa okusukela eminyakeni yobandlululo.
Njengomholi wezombusazwe nanjengoNgqongqoshwe
wezokuThutha KwaZulu-Natali angeke ngiluzibe usizi lomame abazibambe
ngamazinyo kulesisifundazwe. Ukwehlisa izinga lobuphofu nokudala impilo
engcono kuyophumelela uma sakha amathuba emisebenzi kwabampofu. ENingizimu
Africa abampofu sibathola kuleyomindeni ephethwe ngabesifazane.
Umbuzo okhona uthi sesiqhubeke kanjani nokulwisana
nobuphofu na? Imibiko engiyitholayo ithi kulonyaka sizokwakha amathuba
angaphezu kuka-17 000 kaZibambele nokuzosetshezwa imigwaqo yamakhilimitha
angu-11 0 50. Ngihlanganile nomame bakaZibambele bangichazela ukuthi
selubasize kanjani loluhlelo. Iningi lingitshela ukuthi izimpilo zabo
seziguquke kakhulu ngenxa yaloluhlelo. Bangitshela nokuthi sebezizwa
behloniphekile, sebekwazi nokuthenga okuya ngasethunjini bathumele
nezingane esikoleni. Bonke engikhulume nabo banethemba elikhulu ngekusasa
labo kanti abawuvali umlomo bebabaza imisebenzi ebonakalayo eseyenziwe
yiloHulumeni wentando yeningi.
Kumele siziqhenye ngalokhu.
Ngiyezwa njalo nokuthi kunezigilamkhuba ezithola ithuba
lokusebenzisa kabi loluhlelo lukaZibambele. Ngizwa nanokuthi abanye omama
kuyenzeka bangakhokhelwa kwesinye isikhathi kudliwe nemiholo yabo.
Ngithola nanokuthi sekunezipoki zikaZibambele. Yihlazo leli.
Kulezizigilamkhuba ngithi " Sizonithola nijeziswe
ngendlela eyohlala iyisibonelo esethusa noma ngubani ocabanga lenkohlakalo.
Yize kukhona lawomazambane abolile nginesiqiniseko
sokuthi ikhona inqubekela-phambili nokuthi sebekhona omame izimpilo zabo
esezingcono ngenxa kaZibambele. Uma ngihamba emigwaqeni elungiswe
ngoZibambele ngiba nokuziqhenya ngoba ngaphambilini imisebenzi enjena
bekwaziwa ukuthi ngeyamadoda kuphela
Ukunciphisa izinga lobuphofu eNingizimu Africa akukhona
kuphela nje ukuvela nemisebenzi kepha kusho nokulwisana nemikhutshana
yengcindezezo evela emlandweni woBandlululo. UhlelolukaZibambele luvale
imilomo abaningi abebecabanga ukuthi ayikho into esile engavela nomuntu
wesifazane, angiphathi-ke njengoba sesiqalisa namhlanje
loluhlelolwezikhwama zokonga imali (Zibambele Savings Clubs)
Ngenkathi ngethula loluhlelo mhlaka-27 January 2001
ngabeka umgomo wezinkontileka ezingu-40 000. Kwavela imibuzo ezikhulwini
zoMnyango zithi kungenzeka kanjani lokho ngabatshela ukuthi kudinga
ukusebenza ngokubambisana sisungule izikhungo zokubeka imali futhi kube
noqeqesho. Yinhloso yethu ukuthi bonke oZibambele basebenze ngamaqembu
abeka imali. Lamaqembu azosisiza kakhulu ekubhekeleni ukusebenza kangcono
kwaloluhlelo lukaZibambele.
Zizosiza ngani izikhungo zokonga mali na? Umlando wethu
usukhombisile ukuthi abantu bakithi bayakwazi ukusimama uma besebenza
ngokubambisana njengasekwakheni izitokofela ngoba kongiwa imali.
Ukuzimbandakanya nalomkhankaso kucishe kufane nokusebenza kwabazalwane
abalekelelana kuzo zonke izinselelo ababhekene nazo, abethembanayo
nababambene ngezandla. Yizo-ke lezizizathu zokuthi sisungule lamaqembu
oZibambele Savings Clubs ukuze kusebenzeke kahle futhi kutholakale
noqeqesho olusebenza kahle.
Thina njengoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali
sibekelwe ukwakha imigwaqo kanti njengoHulumeni kumele sihambisane
noMthetho-sisekelo ngokuthi siqede izinsalela zokungalingani okwavela
ngesikhathi soBandlululo.. Lokhu kumele sikwenze ngokuthi ekuvuleni
amathuba emisebenzi sicabangele kuqala labo abebencishiwe amathuba.
Ngakho-ke kuyinhloso yami ukuthi ngizeseke izikhungo
ezifuze lezi zamaSavings Clubs kaZibambele ukuze bunciphe ubuphofu.
SinguMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali nazi izinhloso
zethu ngokuhlanganisa osonkontileka bakaZibambele ukuthi basungule
lamaSavings Clubs:
-
ukuthi bazi kabanzi ngamalungelo abo nezinye
izinhlelo zokusiza abantu abampofu
-
ukuthi bakwazi ukubeka imali emabhange angaduli
ngemisebenzi yawo
-
ukuthi bakwazi ukweboleka imali
-
ukuthi babe nemishwalelnse yokungcwaba
-
ukuthi bakwazi ukuzisungulela amabhizinisi abo
-
ukuthi bathole imifundaze
-
ukuthi bagcine bebhalise ku-Johannesburg Stock
Exchange
Ukuze kufezeke leliphupho lethu sizoxhumanisa
lezizikhungo zokubeka imali esizibiza ngoZibambele Savings Clubs neminye
imiNyango kaHulumeni, izinhlangano zemiphakathi kanye nezizimele ukuze
uZibambele athole ukwesekwa noxhaso olufanele emphakathini wonkana.
Asilindele ukuthi lemizamo iphumelele ngosuku olulodwa kepha siyazi ukuthi
lapha sizama ukuguqula ububha obuvela emakhulwini ngamakhulu eminyaka
yangcindezelo. Ngakho-ke kuzodinga sibekezele ekwenzeni lomsebenzi ongaka
ngoba akuwona umdlalo. Nokho siyazi ukuthi sithathe izinyathelo okuyizona
zona ukuze sithole esizobambisana nabo kulomsebenzi ongaka. Siqalisa
lamaSavings Clubs ngoba sifuna ukuthi izwe lonke likwazi esikwenzayo.
Kungalesisizathu-ke namhlanje sibikela izwe lonke nge-CD
yomculo kaMakitaza no-Vusi Ximba ethi "Ezemigwaqo Namathuba
Emisebenzi". Le-CD ibabaza igalelo lomame kwezemigwaqo. Igxile
kakhulu eqhazeni abalibambile ekunciphiseni ubuphofu kulesisifundazwe.
Le-CD iphathelene nezinye izinhlelo zoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali
esingabala nezokuphepha emgwaqeni. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali
ubethulela isigqoko oMnumzane Makitaza beno-Vusi Ximba ngomcula wabo
onamancoko kepha nosuhlanganise isifundazwe sonke yize kunokuphambana
kwemibono emikhakheni yeahlukene kubala nowezepolitiki. Njengoba sigubha
isonto lomculo waseNingizimu Africa kulenyanga yabesimame uMnyango
wezokuThutha KwaZulu-Natali ubambisene nalabaculi wethula leCD kulo lonke
izwe.
Ngiyabonga.
back
|