

MASILWISANE NODLAME OLUBHEKISWE KWABESIFAZANE NEZINGANE EMIGWAQENI
YETHU
27 November 2003
Umkhankaso kaZwelonke wezinsuku ezingu-16 zokulwisana nodlame
olubhekiswe kwabesifazane nezingane uqale ngmhlaka-25 Novemba 2003, kanti
njengoNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natali ngiyaphinda nginxusa wonke
umphakathi ukuthi ulwisane nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Angiqali ukunxusa umphakathi ngaloludaba. Ngiyaphinda ngiyalugxeka
njengobulwane udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane futhi yinto
esingasoze sayibekezelela. Izigilamkhuba ezenza lesisenzo esinyantisayo
ziyojeziswa ngaphandle kozwelo.
Nginxusa zonke izakhamuzi zaseNingizumu Africa ukuthi zibambe iqhaza
ekulweni nalomkhuba omubi kangaka. Yonke inhlobo yodlame oluqondiswe
kwabesimame, ngabe yizitikha ezibabhuqayo zibehlise nesithunzi kumbe
ukushayela okubeka izimpilo zabantu ebucayini, konke lokho
kungukuhlukumeza amalungelo oluntu.
Ukushayela budlabha, ukushayela uphuze utshwala, ukuvuka umbhejazane
emgwaqeni kuholela ekulimaleni ngisho nasekufeni kwabantu. Loludlame
luvamise kakhulu ukuqondiswa kwabesifazane nezingane. Maluphele nya
loludlame emigwaqeni yethu.
Nonyaka loludlame luzodingidwa kabanzi futhi kuboniswane nentsha
yabafana namantombazane mayelana nezindlela zokuqeda lomkhuba omubi
kangaka.
Masihlangane sonke ekulweni nokudlwengulwa, ukuhlukunyezwa nokubulawa
kwabantu besifazane nezingane. Masingagcini lapho kuphela kepha
masibuyisele isiko loBuntu nokuyilona eliqhakambisa ukuphathwa kahle
kwezingane nabantu besifazane.
Udlame olubhekiswe kwabesifazane luvamisile kwabasebenzisa umgwaqo
lapho uthola khona kuhlukunyezwa abantu besifazane baze bahlaselwe
nokuhlaselwa imbala. Loludlame aludalwa wukulakanyana kwezimoto emgwaqeni
kepha isisusa salo ngumuntu ohlala ehluthukile ongenasineke. Kuvamisile
ukuthi ukuhluthuka lokhu kuphethe ngokushaywa kwabantu besifazane kwesinye
isikhathi beshaywa phambi kwezingane zabo. Ubuqaba obunjena asihambisani
nabo.
Ngeke lobubulwane buphele uma amadoda engaguquli imiqondo nezinhliziyo
zawo ahambisane nesiko lamalungelo esintu. Masiziqhelanise nabo bonke labo
abanodlame kubantu besifazane kingaba ngabashayeli, abagibeli kumbe
abahamba ngezinyawo. Izzitikha ezinamazwi aziswana aqondiswe kwabesimame
zibacokofula ngokuma kwemizimba yabo azinandawo kwiNingizimu Africa Entsha.
Labo abasafaka lezizitikha ezimotini zabo kumbe ematekisini kumele bazi
ukuthi lamahlaya abo awagcini nje ngokuthunaza abantu besifazane kepha
abhebhezele umoya wokungabahloniphi oholela ekuhlukunyezweni kwabo.
Lomdlalo obulalayo wokugeyima ovamise kubashayeli bamadoda olunye
uhlobo lodlame olunemiphumela enyantisa igazi. Yize lomdlalo ungaqondene
ngqo nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kepha ugqugquzela
ukushayela budlabha okuholela ekulimaleni nasekufeni kwezingane
nabesifazane.
Sifuna ukuthula emigwaqeni yethu. Nginxusa bonke abasebenzisa imigwaqo
lapha eNingizimu Africa ukuthi sihlangane sibe munye ekuqedeni lendlakadla.
Wumsebenzi wethu sonke ukuthi sibike zonke izigameko zodlame emgwaqeni.
Yiba yisakhamuzi esiqotho, bika izigameko zokwephulwa kwemithetho yomgwaqo
kuMpimpa Hotline kulenombolo (086 221 101 0). Ngokwenze njalo uyobe wenze
omkhulu umsebenzi wokuvimbela udlame olubhekiswe kubantu besifazane
nezingane.
PHANSI NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE NEZINGANE EMIGWAQENI PHANSI!
PHAMBILI NOKUHLONISHWA KWAMALUNGELO ABESIFAZANE
NEZINGANE PHAMBILI!
S’BU NDEBELE
UNGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHA
KWAZULU-NATALI
back
|