ISABELO MALI SOMNYANGO WEZOKUTHUTHA NGO-2004/2005

26 July 2004

 

Sethulwa Kusishayamthetho SakwaZulu-Natali nguMhlonishwa uMnuz Bheki Cele uNgqongqoshe wezokuThutha, uMnumzana Bheki Cele

ISINGENISO

Namuhla kuqopheke umlando empilweni yami, kungokokuqala ngqa ukuba ngikhulume esishayamthetho njengoNgqongqoshe wezokuThutha. Kungokokuqala ukuba ngethule isabelo mali salo Mnyango. Nokho, ngiyayivuma inselelo. Ngizizwa ngihloniphekile futhi nginokuzithoba ngokuba nginikezwe lomsebenzi. Ngike ngaba nethuba lokusebenza njengelungu lekomidi loMnyango wezokuThutha phakathi kweminye, lokho kuyajabulisa. Nginethemba lokuthi sizosebenzisana naleli komidi eliholwa nguMnuz O Singh.

UMhlonishwa uMnuz Ndebele ubesenomkhuba wakhe awujwayele ekwethuleni isabelo mali kule minyaka eyishumi enguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal. Okokuqala ubehlale ekhumbuza iNdlu ukuthi imali eyabelwa lo mnyango ayanele ukubhekana nezidingo zomphakathi waKwaZulu-Natal. Okwesibili ubelokhu egcizelela ukuthi ukulethwa kwemigwaqo kumele kwenziwe ngendlela ezogqugquzela ukuthuthukiswa kwabamnyama kwezomnotho nokwenza isiqiniseko sokuthi imiphakathi ebishiywe ngaphandle ngenxa yobandlululo izithole ithuthuka. Ngifisa ukuhalalisela obenguNgqongqoshe wezokuThutha ngomsebenzi obabazekayo awenzile ngesikhathi sakhe. Iyabonakala imisebenzi yakho Mazalankosi.

Isabelo mali engisethula namhlanje siletha umyalezi osemqoka kakhulu, isabelo inhloso yaso okungukuvikela ababuthaka. Malungu ahloniphekile nezihambeli ezahlukene, uhlelo nohlelo lapha luhlose ukufeza lo mgomo. Senza kanjani njengomnyango ukuqinisekisa ukuthi imigwaqo esiyakhayo isiza abampofu kakhulu emphakathini? Siqinisekisa kanjani ukuthi imigwaqo esiyakhayo yenza kube lula ukufinyelela ezizindeni zomnotho? Siqinisekisa kanjani njengezokuthutha ukuthi intilasipoti yomphakathi esiyengamele ingesebenzisekayo, iyatholakala, iphephile, ayimbi eqolo futhi isiza abesilisa nabesifazane okungebona abaseDurban North noma eMlazi kuphela, kodwa nabaseMsinga, oPhongolo naseNhlazatshe? Siqinisekisa kanjani kwezokuthutha ukuthi ukudidiyelwa kwemigwaqo kwenziwa ngendlela yokuthi imiphakathi esemakhaya iyakwazi ukufinyelela ezikoleni, imitholampilo, izibhedlela nezinye izikhungo? Umbuzo omkhulu malungu ahloniphekile nezihambeli ezahlukene ngukuthi siqinisekisa kanjani ukuthi isabelo mali esisethula namhlanje sivikela ababuthaka kakhulu ngaleyo ndlela kulungiseke isimo sokungalingani kwangesikhathi esedlule, ukuqeda ubuphofu.

Somlomo

Ngisanda kuhambela izifunda lapho ngibe nokukholwa ukuthi ngempela kukhona esesikwenzile kwezokuthutha ngodaba lobuphofu kodwa kusekuningi okudinga ukwenziwa ukuvikela ababuthaka kulesi fundazwe. Esikhathini sami njengoNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal sizoqhubeka nomsebenzi obuwenziwa kule minyaka elishumi edlule wokuvikela ababuthaka emphakathini ngokubacija ukuba babambe iqhaza kuhulumeni nasezinhlakeni zezomnotho.

Kumele ngikusho ukuthi isabelo mali soMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ngo-2004/2005 nesikhathi esibekelwe uhlelo lweMedium Term Expenditure Framework (MTEF) akwanele ukuthi kungalungisa isimo semigwaqo ngendlela ezokwanelisa izidingo zokuhamba kubo bonke abantu ngesikhathi esikahle. Inselelo esibhekene nayo ngukwakha isivumelwano nabantu ngohlelo lwezokuthutha oluhlelekile nolubhekelela ukuthi siyisifundazwe esiyisango leNingizimu Afrika ekuhwebeni namazwe omhlaba. Akudingi kulokhu kugcizelelwa ukuthi iKwaZulu-Natal inamachweba amakhulu ezweni, iTheku neRichards Bay, uma ehlangene asebenza ngo-75% wempahla kanti lokhu kufinyelela ku-80% wenzuzo ngempahla engenayo nephumayo eNingizimu Afrika.

Ukuhlelwa kwemigwaqo nemizila kaloliwe KwaZulu-Natal kubalulekile ekufezeni umgomo kazwelonke wokwenza uhlelo lwezokuthutha olugqugquzela, kunokuba lushabalalise, umnotho wethu. Asicabangi ukubona ezokuthutha zethu zicekeleka phansi ngenxa yokungahlelewa kahle izimali. Ngesikhathi esifanayo sidinga ukuhlela izimali zokuthuthukisa imikhakha emisha yezokuthutha ezosiza imiphakathi empofu, iveze namathuba amasha okutshalwa kwezimali. Lo mnyango njengamanje wenza lokhu ngezinhlelo zawo iCommunity Access Roads ne-African Renaissance Road Upgrading Programmes. Nokho, kodwa kumele kusicacele ukuthi isabelo mali sethu njengamanje asanele kahle ukuthi singabhekana nokulungisa isimo sokunganakwa kwengqalasizinda kwezokuthutha obekwenzeka ngeminyaka yobandlululo nohlelo lokuthuthukisa ngokwehlukanisa. Kuyinto eyaziwayo ukuthi ngesikahthi sakhe sobuNgqongqoshe wezokuThutha, uNdunankulu uMnuz Ndebele ubegqugquzela abantu abampofu ukuba bahlomule emnothweni waKwazulu-Natal. Kuyinhloso yami manje ukuthi ngiqinise izinhlelo esezibe nosizo ezifana noZibambele, uVukuzakhe nokuxhaswa kwezokuthuthwa komphakathi okwakha amathuba emisebenzi namabhizinisi kubantu abampofu baKwaZulu-Natal. Kuyinhloso yami futhi ukwakha isisekelo sezinhlelo zentuthuko emikhakheni wezokwakha nowezokuthutha ngemisebenzi emikhulu njengeDube Trade Port nokuthuthukiswa komzila phakathi kweGauteng neKwazulu-Natal kanye nezinhlelo ezihambisana nokuethwa kwendebe yomhlaba ka-2010. Empeleni kuyintokozo kimi ukunazisa ukuthi uMnyango wami usebenzisana neThekwini Municipality ekuhleleni ukwakhiwa kwemigwaqo yasemakhaya (rural road network). UMasipala weTheku ubeke isamba semali ukuba kulungiswe kwakhiwe imigwaqo yasemakhaya ezindawezi zawo, kanti kumanje nawo usuthathe umqondo wokwenza izinhlelo zikaZibambele noVukuzakhe.

Kuyinhloso yethu ukwethula uhlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) KwaZulu-Natal ngoSeptember 2004. UMnyango wami noMasipala weTheku banohlelo abalwenza ndawonye oluzoqinisekisa ukuthi uhlelo lwe-EPWP lufinyelela kubo bonke abathintekayo. Ngaleyo ndlela, ngilindele uMnyango wami ukuba uhlabele phambili ngezinhlelo zokuthuthukiswa komnotho kubantu, kakhulukazi abasemakhaya nabampofu futhi kube abesifazane nentsha. Njengoba sinohulumeni oholwa i-ANC Kwazulu-Natal, ohamba ezinyathelweni zikahulumeni kazwelonke, angiboni kunemigoqo engasivimba ezinhlosweni zethu.

UKWABIWA KWEMALI

Uhlelo lokuqala - ukuphathwa kwamahhovisi oMnyango (Administration)- R108 380 000

Inhloso yalokhu ngukunika umphakathi waKwaZulu-Natal usizo olusezingeni eliphezulu ngabasebenzi abaxhumana kalula nomphakathi futhi abangenayo inkohlakalo. Uhlelo lokuphathwa luhlanganisa imisebenzi, engaphansi komnyango, njengomkhakha kandabazabantu, ukuphathwa kwezimali, ukugcinwa kwezakhiwo zilungile, ukwengamelwa kwezimoto zikahulumeni wesifundazwe, owezinhlawulo zamathikithi omgwaqo, ukubhaliswa kwamalyisense ezimoto nobhekene nokusebenza ngokuyikho kwehhovisi lami njengongqongqoshe.

Ngiyakuqaphela ukuthi kunesidingo sokwakha uhlelo lokuthuthukisa abasebenzi ngendlela ezohambisana nezidingo nokubanika amakhono adingekayo emikhakheni wezokuthutha, owezokwakha, nobunjiniyela. Lolu hlelo lweHuman Resource Development Strategy kumele lube nokubonelela ngokobulili futhi ngilindele ukuzibophezela okuvela kubaphathi ukuba basheshise ukunika abesifazane amathuba ezikhundleni zokuphatha emnyangweni wami. Lokhu kuzokuba into ebhekwa kakhulu ngokufanayo nokuzokwenzeka ngohlelo "iYouth Empowerment Programme" olubhekene nokuqeqesha abafundi nokwakha amathuba okuzithuthukisa kwezemfundo. Lapha ngizothanda ukuphonsela uMnyango wami inselelo. Uma sikwazi ukukhuphula izibalo zabafundi abangakwazi ukuthola izindawo ezikahle zokuphothula ukuqeqeshwa kwabo njengoba kudingeka, lokho kusho ukuthi kumele sizimisele ngesimo esinzima sokuveza okungenani amathuba angu-150 ngonyaka. Phezu kwalokhu, kumele siqhamuke nohlelo olunqala lokusingatha izinhlelo zokuqeqesha. Lolu hlelo kumele lubhekane nokwakha amathuba okuqeqeshwa ngaphakathi ezinhlakeni zethu nakosomabhizinisi esibambisene nabo. Ngilindele ukuthola loluhlelo nendlela yokusebenza kwalo (business plan) ngasekupheleni kukaSeptember 2004.

Kulonyaka wezimali sibheke ukuqoqa imali ebalelwa ku-R550 mln, iningi layo eqhamuka ngamalayisense.

Uhlelo lwesibili - ukwakhiwa kwemigwaqo - R1 383 849 000
Umsebenzi wentuthuko esithunywe wona ngukwakha nokugcina imigwaqo esesimweni ngendlela ebhekela izidingo zokuhamba kwezakhamizi zaKwaZulu-Natal nangendlela ehambisana nezinhloso zethu zokuthuthuka kwisifundazwe nakuzwelonke. Imali eyabelwe imigwaqo ilinganiselwa ku-75% wesabelo sonke. Sesibe nenqubekela phambili ekwakheni izinhlelo zemisebenzi okumanje iyabonakala ukuthi yenziwe ngempumelelo. Ukwabiwa kwemali yemigwaqo kwenziwa ngendlela efanayo ukubhekelela isidingo sokugcinwa kwaleyo ekhona imigwaqo nesidingo sokwakha emisha nokwakhela imiphakathi imigwaqo engena emakhaya. Imali eyabelwe ukugcinwa kwemigwaqo ngu-R648 061 000 kanti eyabelwe ukwakha ngu-R641 327 000. Nginokujabula okukhulu ukumemezela ukuthi uhlelo lwe-African Renaissance Road Upgrading Programme (ARRUP) lwenyuselwe imali yaya ku-R200 mln. Lolu hlelo ngokungananazi luveza igalelo ukwakhiwa komgwaqo okulenzayo ukuphakamisa iminotho yasemakhaya nokuvuselela imiphakathi namadolobha asemakhaya. Lusebenzisa abantu bendawo ukusebenza nokuletha impahla kanti u-70% wemali yakhona ubhekene nokuthuthukiswa kwabamnyama kwezomnotho.

Kuyathokozisa ukuthi uMnyango wami usebenzisana noMnyango wezoLimo nezeMvelo KwaZulu-Natal kuwo wonke ama-ARRUP ukuze kusizakale abalimi uma beya ezimakethe kulandela ukuvuleka kwamathuba kulo mkhakha. Okunye okubekwe phambili, izinhlelo zokufakwa kwamanzi ezindaweni, okusiza kafushane ngamanzi uma kwakhiwa imigwaqo kodwa kuzosiza isikhathi eside ekucheleleni amasimu asungulwayo. Akungabazeki ukuthi uhlelo lwe-ARRUP selwenze ukusebenza ngokubambisana phakathi kukahulumeni wesifundazwe nowasekhaya kwaba sezingeni eliphezulu, kanti kulokhu umphakathi yiwona ozuza kakhulu. Kunesamba sika-R114 500 000 esabelwe ukwakhela imiphakathi imigwaqo engena ezakhiweni zayo lapho izofunyelela kalula emitholampilo, izibhedlela, izikole nakwezinye izindawo. Kulo nyaka wezimali sengeze ngo-R30 mln ohlelweni lweRoads For Rural Development ngenhloso yokubhekana ngqo nokulungiswa kwemigwaqo emapulazini kanti kuno-R25 mln ozobhekana nohlelo lokwakhiwa kwemigwaqo olwengamelwe ngabesifazane nentsha.

Ngithanda ukuthatha leli thuba ngisho ukuthi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal unezigaba ezahlukene zokuletha imisebenzi nezibhekene kakhulu nalabo basemakhaya abathathwa njengabasemuva. Lokhu kuyingxenye yeRoad to Wealth and Job Creation Initiative eyabekwa ezithebeni zeJob Summit ngo-October 1998. Izinhlelo zethu zemisebenzi zakhiwe ngendlela esabalele yokuthuthukisa umphakathi, ukwakhiwa kwemigwaqo okugculisayo nokugxilisa ezobunjiniyela nemboni yezokwakha imigwaqo KwaZulu-Natal. Mhlambe uhlelo oselwaziwa kakhulu ngolukaZibambele oseluke lakomeliswa ngeMpumelelo Innovations Award njengohlelo olukwazi ukulwa nobuphofu futhi oseluhlonzwe nanguMongameli Thabo Mbeki njengesibonelo esihle okumele lusabalaliswe ezweni lonke. UZibambele uwuhlelo lomsebenzi wokugcinwa kwemigwaqo lapho ilungu lomndeni ngamunye linikwa inkontileka yokusebenza ibanga elithile lomgwaqo. Ubude bendawo esetshenzwa ngumuntu iya ngokuthi ufika kuphi esikhathini esingamahora angu-60 ngenyanga elungisa umgwaqo. Lokhu kunika ilungu likaZibambele ithuba lokwenza imisebenzi nakweminye imikhakha.

Ngenxa yokugxila kukaZibambele emakhaya aphethwe ngabesifazane, ingaphezulu kuka-95% imisebenzi enikwa bona. Umuntu unikwa umsebenzi uhambisana nebhara, ipiki, ifosholo, igeja nobhushi. UMnyango usuzibophezele ekwandiseni inani lifike ku-40 000 abantu abasebenza kuZibambele. Sihlele ukuthi ngo-2009 kube sekwenzekile lokhu, kanti kulonyaka wezimali silungiselele abangu-24 000 ukuthi basebenze kuZibambele. Ngenxa yokuthi abasebenzi bakaZibambele banikwa izinkontileka ezivuselelwa ngonyaka kanti bathola imiholo nyanga zonke, lokho sekwenze baxosha ikati eziko. Nyakenye siqale umkhankaso wokuhlanganisa abasebenzi bakaZibambele ukuba bakwazi ukonga imali ndawonye. Nginokuziqhenya ngokuthi sikuphothulile lokhu. Inhloso yethu manje ngukuthi sibanika usizo lwezeluleko ngokonga, esithemba ukuthi kuzosiza ukunqoba ububha. Ukuxhaswa nokubambisana esikuthola eMnyangweni wezoLimo nezeMvelo KwaZulu-Natal kubaluleke kakhulu ekufezeni lezinhloso. Namhlanje, amaqembu okonga kaZibambele asekwaze ukuhlanganisa imali efinyelela esigidini esewonke.

Muva nje sike sahlola ezinye izindlela ezimbili zokwakha amathuba emisebenzi ekwakhiweni kwemigwaqo, nazo ezizama ukusiza imiphakathi yasemakhaya enganakekelwe ngendlela. Indlela yokuqala eyokwabiwa kwemisebenzi lapho kwakhiwa imigwaqo nokuzobhekiswa kwabesifazane. Ukuhlola kwethu kuveze ukuthi uma singakusabalalisa ukwakhiwa komgwaqo kungakheka imisebenzi engu-3 400 edingeka ukuqeda ikhilomitha elilodwa. Eyesibili indlela ngeyokuhlonzwa kwabantu abazosebenza ukwakha umgwaqo, yona ethatha, iqeqeshe futhi iluleke intsha. Ukuhlola kwethu kukhomba ukuthi abalelwa ku-12 amathuba emisebenzi kwabaqeqeshiwe nangu-194 kwabangaqeqeshiwe angavela esikhathini esiyizinyanga eziyisithuba, ngamakhilomitha amahlanu omgwaqo owakhiwe. Ingu-14 imisebenzi ezokwenziwa kusetshenziswa lolu hlelo kulonyaka. Lezi zinhlelo zizokwakha amathuba okuthuthukisa ulwazi kubafundi abangu-42 be-S3. Abafundi be-civil engeneering ne-survey abenza iNational Diploma emaTechnikon aseSouth Africa kudingeka baqeqeshwe benza umsebenzi izinyanga ezingu-12 ngaphambi kokuba baqale unyaka wesine wokugcina. Uhlelo lokusebenza beqeqeshwa luhlose ukujwayeza abafundi isimo sasemsebenzini qobo lokho okuzobalungiselela ukuba baqasheke. Isibalo sabafundi be-S3 abangakwazi ukuthola izindawo, ngaleyo ndlela bangabe besakwazi ukuqedela izifundo zabo, sekuyinto eya ikhula entsheni engasebenzi KwaZulu-Natal. AmaTechnikon ethu KwaZulu-Natal abika ukuthi ilinganiselwa ku-170 ngonyaka intsha enama-S3 engakwazi ukuthola izindawo ngaleyo ndlela abakwazi ukuthola ama-diploma abo. UMnyango wezokuThutha ukholwa ngukuthi ukufaka abafundi be-S3 kubaluleke kakhulu ekwenzeni ngcono imboni yezokwakha imigwaqo esifundazweni nasekuthuthukiseni umkhakha wosonkontileka abasafufusa.

Okokugcina, nakuba uhlelo lukaVukuzakhe luthuthukisa osonkontileka ngokwezigaba, lubhekelela nezindlela zokwakha imisebenzi ngenkathi kwakhiwa imigwaqo noma sekufanele igcinwe ngokufanele. Kulo nyaka sicabanga ukuthi sizonika izinkontileka zikaVukuzakhe imali ebalelwa ku-R400 mln. Sesisungule ososeshini kuyo yonke iKwaZulu-Natal, kanti bona labo soseshini sebekhethe umkhandlu wabo iVukuzakhe Provincial Council. Maduze nje sizohlangana neVukuzakhe Provincial Council noVukuzakhe Associations ukuze sakhe ndawonye uhlelo oluzoqinisekisa ukuthi osonkontileka beVukuzakhe bayasimama bafinyelele ezingeni lokuncintisana nezinye izinkontileka ezinkulu. Njengamanje uMnyango usuhambe kakhulu nocwaningo mayelana nokusebenza kohlelo lwePublic/Private Partnership (PPP) oluthinta ukulethwa nokugcinwa kwemishini yokusebenza (grader, bulldozer, njl.). I-PPP ihlose ukuqeda izinkinga osonkontileka ababhekana nazo uma bedinga imishini ngamanani aphansi. Lokhu kulimaza ukusebenza kwabo kwehlise nenzuzo kudale izikweletu.

Uhlelo lwesithathu - Intilasipoti yomphakathi - R30 969 no-R423 050 000 (umxhaso wamabhasi).
Umsebenzi esibekelwe wona ngukwenza intilasipoti yomphakathi ibe ngelawulekayo nokuqinisekisa ukuthi abantu bayafinyelela kuyona, iphephile futhi ayimbi eqolo. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uzokwabelwa ngesengezo semali engu-R423 050 000 kulonyaka wezimali ukuqhuba umsebenzi wokuxhasa amabhasi okuzokwenziwa egameni loMnyango kazwelonke. Le mali akudingi ivotelwe isishayamthetho. Enkulumweni yakhe yesabelo mali uNgqongqoshe kazwelonke uMnuz Jeff Radebe uveze ukuthi uMnyango wakhe uzophothula uhlelo olunqala lokubuyekezwa kwezentilasipoti yomphakathi - kubandakanya nemixhaso - ngoSeptember 2004. Uveze ukuthi okwamanje, sekuhleliwe ukuthi obani okumele bathole okungakanani emisebenzi yokuthuthwa komphakathi - okungenani u-30% wemisebenzi uzobekelwa izinkampani ezino-50% weHDI, bese u-70% osele unikezwe izinkampani ezino-35% weHDI. Inhloso yalokhu ngukugqugquzela ukungena kabamnyama emkhakheni wezokuthuthwa komphakathi, kanti noMnyango wami uzohambisana nalokhu.

IKwaZulu-Natal Taxi Council (KWANATACO) yabhaliswa njengesakhiwo somphakathi njengokubalula komthetho wePublic Finance Management Act. Sesilwamukele uhlelo lwabo lokusebenza (business plan) ngesabelo sika-R5.6 mln kulo nyaka wezimali. Kubalulekile ukucacisa ukuthi uhlelo lukahulumeni lokuhlelwa kabusha kwemboni yamatekisi lusendleleni kanti noNgqongqoshe Radebe ukubekile ukutthi izincomo zokugcina zizokwenziwa ngaphambi kokuphela kuka-August 2004. Empeleni ngikholwa ngukuthi umnyango wakhe ususebenze ngaphambili komnqamlajuqu wase uzethula kuqala izincomo kwiKhabhinethi. Lapha ngithanda ukubalula ukuthi sihlabela phambili ngokuncomekayo ngokulungisa isimo semboni yamatekisi KwaZulu-Natal. Kungalezi zathu kuze kwadingeka ukuba iminyango wezokuThutha nowezokuPhepha nokuVikela inhlanganiswe ebuholini obubodwa. Undabuzekwayo i-Operation Shanela nokusungulwa kophiko iPTEU sekube nomthelela omkhulu ekulungiseni isimo embonini yamatekisi, futhi kusazoqhubeka nokuba yingxenye yezinhlaka zokugcinwa komthetho. Sizibophezele ohlelweni oludidiyele oluqeda udlame lwamatekisi bese lushitsha nomqondo wabantu ube ngosabalele ngokwebhizinisi. Maduze nje sizobamba imbizo yamatekisi ngo-August 18-20 nonyaka. Le mbizo izobandakanya ubuholi bemboni yamatekisi nobezinhlaka zokugcinwa komthetho. Simatasa nohlelo lokuqoka abanye abanolwazi kubandakanya ochwepheshe bengqondo abazosiza ukuthatha leli bhizinisi libe ngelihlabela phambili futhi elingahlomile, ukuze siqinisekise ukuthi imboni yamatekisi KwaZulu-Natal ithatha indawo eyifanele ezinhlelweni zokuthuthwa komphakathi. Ekugcineni, sekube nokuqwashisa eNingizimu Afrika ukuthi ezokuthutha, kakhulukazi umkhakha wamaloli, zitholakala zingezokuthuthwa futhi kwezifo ezithathelanayo. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal usuwenze isincomo sokuthi ukubhekana nalo mkhakha wezokuthutha, kumele sifake ingxenye yokufundisa ezinhlelweni zethu okuzoqwashisa ngezindlela zokugwema izifo ezithathelanayo njengeHIV/AIDS neTB.

Uhlelo lwesine - Ezokuphepha emgwaqweni - R254 409 000
Sinikwe umsebenzi wokuba sakhe imigwaqo ephephile ezonciphisa izingozi zaminyaka yonke. Umsebenzi omkhulu kulolu hlelo kuba ngukubheka ukugcinwa komthetho emgwaqweni, ukufundisa ngezokuphepha emgwaqweni nokubheka izindlela zokulungisa isimo semigwaqo ebonakala inobungozi. Somlomo, amalungu aleNdlu ayijwayele indlela uMnyango wami owenza ngayo ekubhekeleni ukusebenza kwemigwaqo nokuphepha kwayo. Niyazi nonke futhi ukuthi umkhankaso wethu weZero Tolerance uhambisana nezinhlelo zethu ezifundisa imiphakathi ngokuthi kumele uziphathe kanjani emgwaqweni. Kuyinto esesingayisho ukuthi indlela esisebenza ngayo isiqala kuthela izithelo. Lokhu kuqinisekiswa ngukuthi ukufa kwabantu emigwaqweni ngamaholide kaDecember 2003 kwehle kwaya ku-17.95%. Lokhu kungukuphumelela okukhulu. Impumelelo yethu ilethwe ukwesekwa esikuthola emphakathini ngezinhlelo zethu kanye nokusebenza ngokuzikhandla kwabasebenzi bethu. Ukuqinisekisa ukuthi ukuphepha emgwaqweni kuyinto kanoma ngubani akuyona nje elula.

Ukutshalwa kwesiko lokuphepha emgwaqweni kuthathwa njengokuphambili eMnyangweni wzokuThutha KwaZulu-Natal ngalezi zathu:

  • Ukulahleka okungamukeleki kwemiphefumulo okubeka imindeni eminingi esimweni esibi kwezomnotho futhi kugcine kwehlisa izinga lamakhono emnothweni waseNingizimu Afrika.
  • Ukungena ezindlekweni kukahulumeni uma kunezinhlekelele emgwaqweni, ilinganiselwa ku-R14 kuya ku-R18 billion kuzwelonke naku-R2 billion KwaZulu-Natal imali echithekayo.
  • Ukuthi kwakheke umlando wobugebengu ngenxa yecala lomgwaqo kubantu abawuhloniphayo umthetho kunomthelela omubi kwinhlalakahle yomndeni nasemnothweni wonkana.
Umgomo wokuphephisa izimpilo zabantu ngokwehlisa izingozi zomgwaqo kuhlangana nombono woMnyango wokuphucula izimpilo zabantu nokuqinisekisa ukuthi kunokusimama komnotho kulesi fundazwe. Ngaleyo ndlela, njalo ngonyaka uMyango wami uzama ukwakha phezu kwesisekelo esakhiwe izinhlelo zangaphambilini ezibe impumelelo. Ngo-2002/2003 siqalise ngokufaka "amehlo ekati" i-Intelligent Road Studs kuP47/4, umgwaqo ohlanganisa Ulundi neMelmoth. Uma sithatha uhlelo lweCSIR ukuqagula umonakalo wezingozi eNingizimu Afrika, izingozi ezingu-307 zibalelwa ku-R16 mln. Ngemuva kokufakwa kwala mehlo ekati izingozi ezibikwe kule ndawo zehle zaya ku-22, ezimbili zazo okufe abantu. Lokhu kukhomba impumelelo enkulu. Inhloso njengamanje ngukuqhubeka nokufakwa kwala mehlo ekati ezindaweni ezinezingozi kudandakanya iFields Hill nokusuka oLundi kuya eVryheid.

Ukuzibophezela kwethu ukuqeda izingozi emigwaqweni yethu kuhamba kufike ekutheni siqinisekise ukuthi izinhlaka zemiphakathi zinhlanganyela nathi ekulweni nobugebengu obenzeka emgwaqweni. Abaningi benu bazoyikhumbula imikhankaso yethu ehlanganisa umphakathi njengoSiyabakhumbula, Asiphephe nemihlangano yabezenkolo abebekhuleka ngenhloso yokuguqula indlela yokuziphatha emgwaqweni. Kuyinhloso yethu kulo nyaka wezimali ukuthi siqhubeke nokuqinisa ubudlelwane nezinhlaka zemiphakathi, kakhulukazi ukuthola ukwesekwa ngabezenkolo ukuze senze ezokuphepha emgwaqweni kube yinto yethu sonke.

Uhlelo lwesihlanu - Izinhlelo zomphakathi - R27 040 000
Izinhlelo zemiphakathi (community based programme) isabelo mali esisha esenzelwe ukubhekana ngqo nokusungulwa kwezinhlelo zokuzithuthukisa kubantu abahlwempu, okuzokuthi uma sezihloliwe zaphumelela, zibhekelwe kangcono kwisabelo esilandelayo. Sekuyinto emukelwayo jikelele ukuthi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal unomlando wokuba nekhono lokucabanga nokuhlela. Imikhakha esihlonzwe ukuba isizwe ngale sabelo mali ibandakanya izinhlelo ezintsha zokulwa zobuphofu, ukufukulwa kwabesifazane, intsha nezinhlelo zokuqeqesha.
Isiphetho

Akungabazeki ukuthi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uhambe kakhulu ekufezeni umgomo wesivumelwano nabantu ngohlelo lwezokuthutha olusimeme KwaZulu-Natal. Kulokhu kumele ngikubalule ukuthi ukuphumelela okukhulu kwemisebenzi yoMnyango kungenxa yobuholi bukaNdunankulu uMnuz Ndebele engingene ezicathulweni zakhe. Ngithathe izintambo kuyena ngathola abasebenzi abayimbumba, abathembekile nabazinikele emsebenzini, phezu kwako konke, izinhlelo ezihlonishwa kakhulu umphakathi waKwaZulu-Natal. Kuningi osekwenziwe kule minyaka elishumi, kodwa kusekuningi okudinga ukwenziwa kule minyaka emihlanu ezayo. Imidlalo yendebe yomhlaba ka-2010 izosilethela ikusasa eliqhakazile sonke eNingizimuAfrika kakhulukazi KwaZulu-Natal. Kule minyaka emihlanu ezayo isifundazwe sethu sizobona ukutshalwa kwezimali ngenkathi kulungiswa ingqalasizinda kwezomnotho (imigwaqo namachweba neDube Trade port), kuthuthukiswa nomkhakha wezokuvakasha namahhotela.

Kuko konke, siyisifundazwe esiyisango lokungena komnotho eNingizimu Afrika. Singakwazi ukusebenzisa leli thuba lokwakha kabusha umphakathi wakithi ngokuqinisekisa ukuthi ukuzuza okukhona kuya kubantu abampofu nabebencishwe amathuba KwaZulu-Natal. UMnyango unomlando wokusiza abampofu ukuba bathole isinkwa emnothweni waKwaZulu-Natal. Ngiyazibophezela emphakathini ukuthi ngizoqhubeka nokwenza ngcono lo mlando. Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonge iNhloko yoMnyango uDkt Kwazi Mbanjwa nozakwabo nabasebenzi bonke boMnyango ngokuzibophezela kwabo. Ngithanda nokubonga amalungu ekomidi lasephalamende ngeqhaza abe nalo kulesi sabelo mali. Kuyigunya lami manje ukuba ngibeke Isabelo-mali soMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal sika-R1,804,607 mln ngonyaka wezimali ka-2004/5

Ngiyabonga

 

back