INKULUMO KA NGQONGQOSHE WEZOKUTHU, UKUXHUMANA NOKUPHEPHA KOMPHAKATHI, UMNUZ BHEKI CELE (10th MARCH 2005, TAFELKOP NGASE KWADESAI - PINETOWN) ESONTWENI LAMA NAZARETHA

ALL PROTOCOL OBSERVED. 

 

  • Kunamandla ukuthandaza ndawonye. Encwadini kaMatewu, isahluko 18, uJesu usikhumbuza ngokubaluleka kwamandla omthandazo, kanye namandla okuvumelana ngokuthandazelwayo.
  • UJesu uthi uma abantu abahlukahlukene bethandaza ndawonye futhi behambisana kuloko abakuthandazelayo, uNkulunkulu ubanika noma yini abayicelayo. Uthi uJesu ukubumbana emthandazweni noma ngabe kuthiwa niyidlanzana labantu abathathu noma ababili, yena uqobo lakhe uyoziveza lapho.
  • Yingakho-ke nathi sihlangene la namuhla. Sihlanganele ukuthandazela izinkinga zokuphepha komphakathi ebugebengwini kanye nasemgaqweni.
  • Ukuhlangana kwethu namuhla kuyingxenye yomkhankaso wesifunda sonkana ozama ukugqugquzela ukuhlonishwa kosiko mpilo lokuphepha.
  • Lomkhankaso uzokwenza isiqiniseko sokuthi abantu abakholwayo KwaZulu-Natal babamba iqhaza ekulweni nobugebengu kanye nezingozi zasemgaqweni.
  • Enkulumweni yakhe, uMongameli wakuleli uMnuz Thabo Mbeki wakubeka ukuthi "amagxathi esesiwathathile njengezwe ukunqanda ubulelesi asenze sehle isibalo sezigameko zobugebengu."
  • Sekuvelile ukuthi izinga lokubulawa kwabantu selehle ngamaphesenti awu 8, ukuntshontshwa kwezimoto kona sekwehle ngamaphesenti awu 5,4, ukubanjwa kwenkunzi kona kwehle ngama phesenti awu 5,9, ukubanjwa kwezimoto ezithutha imali sekwehle ngamaphesenti awu 48,7 kanti ukubanjwa inkunzi kwama bhange kodwa kwehle ngamaphesenti awu 57,5. Kuyacaca ukuthi kungalindeleka ukuba izinga lezigameko ezifana nalezi lehle kakhulu eminyakeni ezayo.
  • Loku kuyasikhombisa ukuthi uHulumeni usebenza kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika ibe indawo engcono yokuphila kubobonke abantu. Nokho-ke ukuze sikwazi ukulwa nobubha, kudinga kuhlangane zonke izinhlaka zomphakathi ngokushesha.
  • Sizokhumbula ukuthi kunesamba esingango R2,3 billion esamemezelwa ngonyaka odlule ukuthuthukisa amahholo kanti sekunezezelwe amaphoyisa awu 8 000 kanye nezisebenzi ezilekelelayo eziwu 3 000 ukuze kukhushulwe amandla okulwa nobugebengu kusukela ngo May 2004.
  • Kulesifunda sethu saKwaZulu-Natal, kuyangijabulisa ukusho ukuthi sesine helicopter yama phoyisa ezosisiza kakhulu ukulwa nobugebengu, ikakhulukazi ezindaweni okwaku ngafinyelelwa kuzona ngaphambilini.
  • Angikubeke futhi ukuthi ukuze silwe nobugebengu, kuzodinga sikwazi ukuvimbela ubugebengu ngaphambi kokuba benzeke.
  • Njengoba sesibheke emaholidini ePhasika, ngifisa ukucela abaholi bezenkolo abaqhamuka ezinhlelweni ezahlukene zokukhonza ukuba baqhubeke nokubamba iqhaza ekushumayeleni ngokubaluleka kokuphepha emgwaqeni kubantu.
  • Ngaphambilini, bekukhona ukucabanga okuthi ezokuphepha emgaqweni ziwumsebenzi kaHulumeni. Sesifikile isikhathi sokuthi lokucabanga okunjalo kulungiswe. Kubalulekile ukuthi ezokuphepha kube yinto esondelene kakhulu nezinhliziyo zethu njengabantu abakholwayo. Siyazi vele ukuthi loku kuzosiza ukuthi sikwazi ukulondoloza sigcine lesisipho esikhulu kangaka sokuphila.
  • Ukuqinisekisa ukuphepha lapha KwaZulu-Natal nokuvikelwa kwezimpilo zethu, kuzovinjwa emigaqweni kulekelelwe umkhankaso we Arrive Alive. Ngalokhu sizobe sikhombisa umphakathi ukuthi abagcini bomthetho nabavikeli babantu bayahlangana ukulwa nokushayela okungamukelekile kanye nabashayeli abashayela budedengu.
  • Sizobe siqhubeka nokulwa nezinkinga zabashayeli abashayela izimoto ezingakufanele ukuba semgaqweni, ezingekho emthethweni, izimoto ezigcwele izimpahla ngokuphezulu kokusemthethweni kanye nabashayeli abangenazo izincwadi, kanye nezimoto ezintshontshiwe nezibhamu ezingekho emthethweni.
  • Umsebenzi wethu njengo Mnyango ukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa omgwaqo achithiwe ukusiza ekugcinweni komthetho behlangene nabagcini bomthetho abahlukahlukene.
  • UMnyango wezokuThutha uzobamba iqhaza elifanelekile ukwenza isiqiniseko sokuthi umzabalazo wokugcinwa komthetho uyaqhubeka ukuze kubekhona ukuphepha kubantu abahlala nabavakashela lesiFunda.
  • KulamaHolide ePhasika sifuna ukuphepha emigaqweni yethu futhi kunciphe izinga lokungqubuzana kwezimoto emigaqweni.
  • Ngifisa ukuphetha inkulumo ngokuncoma abaholi bezezinkolo, okuhlanganisa iNazareth Baptist Church ngeqhaza enilibambile ukwakha izimilo zabantu nokunciphisa izingozi zomgwaqo. Kuyajabulisa enikwenzayo
  • Angiqede lenkulumo ngokunikhumbuza ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ukulawula izinkinga zasemhlabeni uma simthandaza. Uma sithandaza kakhulu, umhlaba esiphila kuwona ungaba indawo engcono ngoba sobe sesikwazi kangcono ukulwa namandla obubha.
  • Ngiyathemba sizokwazi ukuqhubeka sisebenze futhi sithandaze ndawonye sithandazele ukuphepha eNingizimu Afrika – iNingizimu Afrika lapho kungeke busaba khona ubugebengu kanye nezingozi zomgwaqo ezishaqisayo.

Ngiyabonga.

 

back