INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHA, UKUPHEPHA NOKUXHUMANA NOMPHAKATHI KWAZULU-NATAL, UMNUZ BHEKI CELE EMCIMBINI WOKWETHULWA NGOKUSEMTHETHWENI KWESIKHUNGO SAMA-LEARNERS LICENCE ESINGUMAHAMBA NENDLWANA ENGWAVUMA NGOMSOMBULUKO, 10 OCTOBER 2005.

Ngiyanibingelela nonke

 

  • Kuyintokozo enkulu kumina ukuba nginamukele kulo mcimbi wanamuhla, ukuze nizokuba ngofakazi bale ngqophamalando wohlelo emlandweni wezokuphepha emigaqweni yaseNingizimu Afrika.
  • Mhla zingu-13 kuDecember ka-2004 sethula ngokusemthethweni isiqubulo sethu esisha esithi “From Zero Tolerance to 100% Compliance”, okusho ukungagcini nje ngokuthi alufakwa kodwa akuthobelwe umthetho ngokuphelele. Inhloso yalesi siqubulo ngukuqinisekisa ukuthi lapho imithetho ingalandelwa ngokuyiko, izinhlaka zethu zokugcinwa komthetho kumele zenze okufanele. Siqonde ukuthi, njengohulumeni sinamandla okubhekela ukugcinwa kwemithetho yethu.
  • Ngenxa yalokhu-ke, ukulwa nomkhuba wokungasebenzi ngokugculisayo, inkohlakalo nokukhwabanisa ezikhungweni zamalayisensi, kuseyingxenye ebaluleke kakhulu yomsebenzi wethu wokuqikelela ukuphepha.
  • Abashayeli abangalungile babulala abantu. Abashayeli abangaqeqeshiwe nabangenazo izincwadi yibo kanye laba esithi abangalungile. Yingakho nje uMnyango usaqhubeka nokukhipha izigidi zamarandi zokuphucula izikhungo zamalayisensi okushayela.
  • Seziyaziwa zonke izikhungo ezenza okuphambene nomthetho futhi imininingwane yazo igciniwe. Sikhuluma nje sesihambe kakhulu nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi umthetho uthotshelwa ngokuphelele.
  • Inkohlakalo ekhona ekukhishweni kwezincwadi zokushayela nama-learners yenza sibe nabashayeli abangekho ezingeni elifanele emigaqweni yethu. Asiphathi-ke nje uma kwenzeka emkhakheni wezithuthi zomphakathi njengoba phela lokho kubeka engcupheni izimpilo zezinkulungwane zabantu. Kuphinde futhi kuholele ekulahlekeni kwemali, kwengeze nengcindezi ekulethweni kosizo lwezempilo nasemnothweni nje wonkana. Ngakho-ke kumele nakanjani sikususe nezimpande zako lokhu.
  • KwaZulu-Natal, saba isifundazwe sokuqala ukusungula ithimba eliyisipesheli elilwa nenkohlakalo i-Special Inspectorate for Counter-Corruption and Ethical Standards ngo-1997. Kuyo yonke le minyaka leli thimba seliphumelele ukuba libe wuphiko olusezingeni eliphezulu nelithenjwe kakhulu kwi-Road Traffic Inspectorate. Amalungu aleli thimba asethole ukuqeqeshwa okunzulu ngaphandle nangaphakathi, kanti asenezinhlelo zokusebenzisana ne-SAPS noMnyango wezoBulungiswa, okwenza kusebenzeke ngempumelelo uma kuvunjululwa inkohlakalo kuma-Driving Licence Test Centres.
  • Njengoba sikhuluma nje, kunabantu abashushiswayo ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo esifundazweni sonke. Siphinde sisebenzisane nabophiko lwezobunhloli iNational Intelligence Agency neSpecial Investigative Unit uma sihlola okuthile senza nophenyo ezimweni ezibucayi.
  • Kungenza ngijabule futhi ngigculiseke namhlanje uma sethula ngokusemthethweni lolu hlobo lwesikhungo sama-learners esingumahamba nendlwana, ngempela esiyingqayizivele eNingizimu Afrika futhi mhlawumbe esingesinye sezimbalwa emhlabeni.
  • Lolu hlelo luhlose ukususa ezimpandeni konke ukukhwabanisa nokukhohlakala osekudle izigidi zamarandi oMnyango kule minyaka edlule.
  • Lolu uhlelo olusebenziseka kalula yinoma ngubani, ngisho nalabo abangayazi ikhompyutha./li>
  • Ukusungulwa kwalo mahamba nendlwana kusakafakazela kona ukuzibophezela kukahulumeni wethu ukuqinisekisa ukulethwa kwezidingo kubantu.
  • Embuthanweni woMnyango esibe nawo oLundi phambilini kulo nyaka, kwakulokhu kunezicelo zokuthi mhlambe kungcono kusetshenziswe nobuchwepheshe besimanje njengemizamo yokulekelela ekufundiseni ngakwezokuphepha emgaqweni, nokuthi usizo lwamalayisensi lulethwe eduze kwabantu.
  • Ukwethulwa kwalesi sikhungo namhlanje lapha eNgwavuma kuletha usizo obelungakaze lubonwe kubantu bakhona phambilini, nakwezinye izindawo zaKwaZulu-Natal.
  • Ngaphandle kwalesi sikhungo, abantu baseNgwavuma nakwezinye izindawo ezizungezile bekumele bahambe ibanga elingaphezulu kuka-400 wamakhilomitha ukuze babhale izivivinyo zama-learners.
  • Kodwa namhlanje sebekwazi ukubhala izivivinyo zabo behleli kwingqayizivele yesakhiwo lapho kwenziwa izivivinyo ezisezingeni elifanele zilethwa abantu abawufundele umsebenzi futhi ubulungiswa buqinisekisiwe.
  • Lolu hlobo lwesikhungo aludingi ngisho notolika. Ayikho futhi indlela yokuthi umfundi akhishwe inyumbazane noma angaqondi kahle okuthile. Umfundi uhlolwa ngendlela enobulungiswa neqondile ngaphandle ngokungenelela komhloli.
  • Ngokusobala, lokhu kusiza kakhulu ekulweni nenkohlakalo, kugweme inkinga yokungezwani ngezilimi, kuphinde kuqinisekise ukuthi ama-learners atholakalayo ilawo adingekayo kulesi sikhathi.
  • Okwamanje, kusakhiwe amagumbi amabili alingene abantu abangu-13, akhiwe phezu koshesi bezimoto.
  • Imoto ngayinye izokuba nomshayeli, umhloli nomabhalane abazohamba isifundazwe sonke ngokwezikhathi ezihleliwe ukuze kuhlangabezwane nezidingo zemiphakathi yasemakhaya, ikakhulukazi abafundi ezikoleni lapho ukuthola i-learners kuyisango elibalulekile lokuvulela amathuba okuqashwa kusasa.
  • Kusasho futhi ukuthi usizo lwama-learners luzofinyelela ezindaweni eziningi kunokuba kwenzeka njengamanje, okuzokwenzeka ngaphandle kokuba uhulumeni akhe izakhiwo ngemali eningi aqashe nabantu abaningi. Phela lezi zimoto zingomahamba nendlwana futhi zonke izinto zokusebenza ziphakathi.
  • Kusho ukuthi ngokubambisana nezinhlaka zethu zomphakathi ama-Rural Road Transport Forums (RRTF) nama-Community Road Safety Councils (CRSC), abantu sebengakwazi ukuhlangana bafundisane ukuze bazilungiselele izivivinyo zama-learners.
  • Abafundi akudingeki bahambe amabanga amade, okuyinto ezokwenza kushibhe ukuthola i-learners. Izindleko ezengeziwe zokusebenzisa izithuthi zomphakathi sezizophela. Ukuthola i-learners endaweni yasemakhaya kuzobiza ngokufana nokuyithola ezindaweni ezisemadolobheni.
  • Abantu abahlala ezindaweni ezikude zesifundazwe sebezokwazi ukuthola izivivinyo ngendlela enobulungiswa nangokulinganayo. Kulezi zivivinyo akukho ukugxambukela komuntu njengoba uma umfundi eseqedile ithathwa ifakwe emshinini wokugcina imininingwane. Umqondo wokuthi kunama-learners atholakala ngomgunyathi uzoncipha manje njengoba lolu hlelo luqinisekisa ukuthi imininingwane igcineke ngendlela efanelekile.
  • Kuba abantu abangu-13 ngesikhathi ababhala isivivinyo kanti angaze afike kwamane ngosuku amaqembu ahlolwayo. Imoto lena iyakwazi ukubakhona endaweni izinsukwana kuncike ekutheni idingeka kangakanani.
  • Esikufunayo kulolu hlelo kucacile, futhi nokuthi sikufunelani kucace kahle.
  • Okokuqala nje, sifuna ukusebenzisa uhlelo olusha ukuze siqinisekise ukuthi siletha uhulumeni kubantu, ikakhulukazi imiphakathi eyayincishwe amathuba phambilini.
  • Sifuna futhi ukusebenzisa lolu hlelo njengendlela yokuqeda inkohlakalo kusasuka esigabeni sokuqala sokuthola ilayisensi. Isikhathi sokufakwa kwesicelo kumele sihlukaniswe nesokubhala isvivinyo. Esigabeni sokufaka isicelo, umfundi uzogxiviza isithupha athathwe nesithombe bese imininingwane ifakwe kwikhompyutha. Uma umfundi esebuya ezobhala isvivinyo, kuzomele aqhathaniswe nale mininingwane yesithupha nesithombe okugcinwe emshinini.
  • Okunye futhi, okuwokokuqala ngqa, kuzothathwa isithombe sotwetwesi lwehlo. Kumele kwaziwe phela ukuthi umuntu nomuntu unotwetwesi olwehlukile kanti ilona ongalethemba kakhulu kuneminwe nokusayina.
  • Umshini iwona ohlela imibuzo oyitomula esizindeni semibuzi nezimpendulo ezingaphezulu kuka-400 ebekelwe ukuba umshini uzikhethele kuyona. Isivivinyo simakwa ngaphakathi iwona umshini. Uhlelo lonke luphethe izinto ezisezingeni eliphezulu zesimanje ezibhekela ukuphepha, ziqikelela ukuthi kuzo zonke izigaba kufakwa lokho okudinga ukugcinwa kuphela, zibe futhi ziqaphele konke okwenzekayo. Imibuzo ayikwazi ukutholakala ungakabhali, ngakho-ke kumele ufunde ngokufanelekile nokuyinto ezosisiza ukuba sikhiqize abafundi abangcono abafundela ukushayela.
  • Njengoba kuyinto ebalulekile nangayiphi indlela, lolu hlelo lusebenziseka kalula kubafundi. Imibuzo ilethwa ngezithombe ezivezwa kwi-screen bese izimpendulo zifakwe ngokuthinta okuyiyona kwi-screen. Okwamanje izivivinyo zenziwa ngezilimi ezine okuyisiNgisi, isiBhunu, isiZulu nesiXhosa.
  • Nokho, kunezinhlelo ezenziwayo zokuthi luthuthukiswe lolu hlelo ukuze lusebenzise izilimi ezingu-11 ezisemthethweni. Umfundi ukhetha impendulo okuyiyona ngokuyithinta kwi-screen. Kubuye kutholakale nezinto zokulalela (headphones) nazo ezitholakala ngezilimi ezine ezibalwe ngenhla.
  • Uma ukuhlolwa sekuqediwe, umfundi uthola ngokushesha ukuthi uphasile yini.
  • Lolu hlelo lwenza kugwemeke amaphutha nokukhwabanisa okwenziwa ngabahloli uma sebemaka amaphepha. Kuzosiza futhi ekutheni silungise isimo sokusalela emuva kakhulu okukhona ekuhlolweni kwabantu abafuna ama-learners.
  • Okubaluleke kakhulu ngalokhu ngukuthi, ngokokuqala ngqa eNingizimu Afrika sizokwenza izivivinyo zama-learners ngendlela ebhekelela kakhulu izidingo zabantu abangawatholanga amathuba okufunda.
  • Konke lokhu ebengikhuluma ngako lapha kuyisisekelo sokuxhumana phakathi kokuqeqeshwa komshayeli aze athole izincwadi nokuba abe ngumshayeli osezingeni elifanele. Umthetho ka-K53 uyinqubo yokuhlola esezingeni lomhlaba uma isetshenziswa ngendlela ingashaywa indiva. Kodwa kunzima ukuthi sifike esigabeni lapho kungekho ukushayela okubhedayo, okunodlame nochuku nobudedengu emigaqweni yethu. Sifuna ukuqeda izingozi ngokushesha, kodwa sizohlale sizithola izephulamthetho bese siqinisekisa nokuthi ukubhekela ukugcinwa komthetho kuhambisana nohlelo lokwahlulela olusheshayo nolusebenza ngokuyiko.
  • Sengiphetha, ukwethulwa ngokusemthethweni kwalo msebenzi kuyingxenye yemisebenzi ehlelelwe inyanga yezithuthi zomphakathi KwaZulu-Natal.
  • Phela u-October ubekwe waba inyanga yezithuthi zomphakathi iNational Public Transport Month. Ngiyaninxusa-ke ukuba nibambe iqhaza ezinhlelweni ezahlukene nemicimbi ehlelelwe le nyanga.

Khumbula lokhu:

  • Izithuthi zomphakathi zenza umnotho usebenze;
  • Uhlelo lwezithuthi zomphakathi olungcono nolusimeme luphumelela KUPHELA uma umphakathi nawo ubamba iqhaza;
     
  • Izithuthi zomphakathi ngezawo wonke umuntu kungakhathalekile izinga akulo;
  • Iningi labantu baseNingizimu Afrika alinakuphila ngaphandle kwezithuthi zomphakathi;
     
  • Ngokubambisana, masihole umkhankaso wokuletha izinguquko ngokushesha emisebenzi yezithuthi zomphakathi KwaZulu-Natal.

Ukwenziwa ngcono kwengqalasizinda yezithuthi zomphakathi kwenzelwa ukuletha izidingo zabantu ngendlela.


Ngiyabonga.

 

back