

INKULUMO KANQGONQGOSHE WEZOKUTHUTHA, UKUPHEPHA KANYE NOKUXHUMANA
NOMPHAKATHI, UMNU. BHEKI CELE EMBIZWENI YASE STANGER NAKWA MAPHUMULO
Kuwumgomo kaHulumeni ukulwela nokuvikela labo ababuthakathaka futhi
siqiniseke nokuphepha kwabo kanye nokuba khona kwezithuthi ezingambi
eqolo kodwa futhi zikwazi ukugcina imboni yokuthutha ihamba ngendlela.
UHulumeni ubhekeke ukuba akwazi ukuthatha izinyathelo ezinqala
ekubhekaneni nendaba nodlame ematekisini, ukuze kuvikelwe imiphefumulo
engenacala.
Ukuvalwa kwemizila kungabonakala njento enzima kakhulu futhi sibukeke
njengabantu abangenalo uzwelo. Kodwa-ke ekugcineni sizovela isixazululo
ekulungiseni isimo sibengcono. Ingxabano phakathi kwabanikazi bamatekisi
izoxazululeka. Kubalulekile ukuba kusetshenziswe imizila esemthethweni.
UMnyango wezokuThutha kulesisifunda uzibophezele ekuxhumaneni futhi
ubambisane nezinhlaka ezahlukene zemiphakathi ukuze siqede ukungaboni
ngeso elilodwa futhi sithole isixazululo esisheshayo kulamasosisheni
athintekayo.
Kodwa-ke thina njengoHulumeni angeke sakwazi ukuvumele abantu baqhubeke
nokulimala kumatekisi ngenxa yezimo zezimoto, ukungaqeqesheki kahle
kwabashayeli kanye nokungabi nendaba nezimpilo zabantu. Angeke savuma
ukuba abantu abangenacala baqhubeke nokushona ngoba kunososesheni
abangakwazi ukukuvumelana ngemizila okumele basebenze kuyona.
Akekho-ke uHulumeni ongasonga izandla uma inhlalakahle yabantu
abangenacala isengcupheni enjengalena yaseStanger nakwa Maphumulo.
Kuloku ngezwani sekushone abantu abangu 12. Kunezindlela ezingcono
zokuxazulula izinkinga ngaphandle kokudubulana kanye nokuvala imiqwaqo
ngezimoto. Udlame alukaze lube yisixazululo sanoma iyiphi inkinga.
Kunemigudu ekumele ilandelwe ekubhekaneni nezinkinga ezibakhona
ematekisini.
Lendaba seyethulwe kwababhekene nezinkinga zokusebenza (arbitration)
futhi lithole nezixazululo, kodwa ososeshini basaqhubeka nokubulalana.
Emizamweni yokuxazulula udlame ematekisini uMnyango usuhlele ukuba
kuhalwe phansi kuxoxiswane. Njengo Hulumeni, uMnyango unelungelo
lokusebenzisa noma iziphi izindlela zokuxazulula ukungasebenzisani
ngendlela nokukwebhana. Loku kuyezinye zezindlela zkwenza ukuthi kube
khona izisombhululo ezisheshayo.
U-Taxi Register usethunyelwe ukuba avale ukusebenza kwemizila yomibili
yeStanger kanye noMaphumulo kulesisifundazwe. UTaxi Regista wazise
bobabili ososeshini ngoMgqibelo mhlaka-6 kuAgasti ukuthi ukusebenza
kwalemizila kuzomiswa kulabo abahamba amabanga amade namafishane
kusukela ngomSombuluko mhlaka-8 Agasti 2005.
URegister wazise bobabili ososeshini ukuthi azikho izimoto ezingaphansi
kwalabososeshini okumele zisebenze kuze kutholakale isixazululo
yileliphini eliqokelwe lomsebenzi kusukela ngoLwesithathu zingu10
kuAgasti lithole ukubambisana ekuletheni uxolo nokubuyisela isimo
endaweni yaso.
Lokhu kulandela imizamo eyenziwe nguMnyango ekuxazululeni loludlame
eseluthathe iminyaka ewu 15 nalapho kufe abantu abaningi abangenacala
okubandakanya abanikazi bamatekisi, abashayeli kanye nabagibeli.
Kuyigunya lami njengo Ngqongqoshe ukubhekela ukuphepha kwabagibeli
okuvamise ukubayibo abangakwazi ukuziphendulela ezimweni ezinjengalezi.
Sesibeke ithimba lamaphoyisa ahlukene ekubhekeleni ukuphepha kulendawo
yaseStanger noMaphumulo. Amaphoyisa asemgwaqeni nabamele ukuphepha kanye
nemaphoyisa eSAPS bazosebenzisana ekwenzeni ukuthi abagibeli baphephe.
Sibe sesinxusa abaphathi bamabhasi ukuba bathuthe abagibeli. Lamabhasi
azoqashwa amaphoyisa ngaso sonke isikhathi. Umuntu oyotholakala
ethintenteka esenzweni sokuhlukumeza noma asabise abagibeli uzobhekana
nomtahetho.
Ukuvalwa kwemizila yase-Stanger kanye noMaphumulo kube yisixazululo
sokugcina. Kodwa-ke ngifisa bonke labo abathintekakayo babambisane ukuze
kutholakale isixazululo esiphusile.
Ngiyabonga.
back
|