

INKULUMO KA - DKT. KWAZI MBANJWA INHLOKO YOMNYANGO WEZOKUTHUTHA KWAZULU-NATAL ENKONZWENI
YESIKHUMBUZO EMZUMBE NGOLWESINE MHLAKA-30 JUNE 2005
Ngiyanibingelela nonke.
Esontweni nje eledlule (uLwesine olwedlule) besihlangene eMayville eThekwini enkonzweni yesikhumbuzo yabantu abangu-8, abashone ngezikathi zasekuseni ngoMgqibelo, mhlaka-18 June 2005 engozini yomgwaqo ebibandakanya ibhasi emgwaqeni ongu-R66 phakathi kwasoLundi naKwaNongoma.
Namhlanje kuyadabukisa ukuthi futhi siphinde sihlangane lapha ukuzokhala ngokudlula emhlabeni kwabantu abangu-11, abashone ngoMgqibelo odlule (25 June 2005) ngenxa yezingozi zomgwaqo ezimbili ezahlukene ezenzeke eSouth Coast.
Ingozi yokuqala yenzeke ngezithuba zika-14h00 endaweni yaseMagogo eMzumbe.
Ngokwemibiko yesikhashana etholakele, kusolakala ukuthi umshayeli wetekisi ubekhuphuka intatshana emgwaqeni oyibhuqu, ngenkathi injini yemoto iphelelwa ngaamandla kanti amabhuleki azohluleka ukusebenza. Umshayeli ube esekhetha ukugxumela ngaphandle kwetekisi washiya abagibeli emotweni ihamba, itekisi yabe isikhalakathela esihluthu emamitheni angu-500. Abagibeli abahlanu bashonele khona lapho, kwathi owesithupha washonela esibhedlela. Itekisi beyilayishe abagibeli abangu-15 sebebonke.
Amagama abaphangalele, bonke abebeqhamuka endaweni yaseMagog yilaba:
- UNkk Thandeka Shozi – oneminyaka engu-50 ubudala
- UNkk Angeline Maphumulo – ona-60 ubudala
- UMnuz Ernest Maphumulo – 65 ubudala
- UMnuz Bayi Dladla – 68 ubudala
- UMnuz Albert Maphumulo – 66 ubudala
- UNkk Christina Mbonambi – oneminyaka engu-65 ubudala
“Imiphefumulo yabo mayilale ngoxolo”
UNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Bheki Cele nezikhulu zoMnyango sebeyihambele le ndawo yesehlakalo, bavakashela nabalimele esibhedlela ngeSonto eledlule.
Umshayeli wetekisi uboshiwe wabekwa icala lokubulala engahlosile. Okwamanje usagcinwe esitokisini.
Esehlakalweni sesibili, kushone abantu abahlanu engozini nayo ebibandakanya ikhumbi neloli elingamathani amane, ngezikhathi zika-18h00 eWilson’s Cutting ngaseZinqoleni. Itekisi ibisendleleni isuka eThekwini iphikelele eMatatiele. Umshayeli uhlulekile ukuyilawula ejikeni yase ingqubuzana mahlanze neloli ebeliza nganeno. Abantu abathathu bashonele khona lapho, kwathi abanye ababili bashonela esibhedlela. Le tekisi ibilayishe abantu abangu-20 sebebonke.
Esehlakalweni sesibili, kushone abantu abahlanu engozini nayo ebibandakanya ikhumbi neloli elingamathani amane, ngezikhathi zika-18h00 eWilson’s Cutting ngaseZinqoleni. Itekisi ibisendleleni isuka eThekwini iphikelele eMatatiele. Umshayeli uhlulekile ukuyilawula ejikeni yase ingqubuzana mahlanze neloli ebeliza nganeno. Abantu abathathu bashonele khona lapho, kwathi abanye ababili bashonela esibhedlela. Le tekisi ibilayishe abantu abangu-20 sebebonke.
- Amagama alabo abaphangalele ilawa:
- UMnuz Zolile Sphambo – waseMlazi
- UMnuz Thambiso Sebatsa – wase-Clermont
- UNkk Nobuhle Mzamo – wase-Verulam
- UMnuz Edmond Penn – waseMatatiele
- Oyedwa wesilisa ubengakadalulwa
“Imiphefumulo yabo mayilale ngoxolo”
Nalapha futhi umshayeli uboshiwe wabekwa icala lokubulala engahlosile. Naye ugcinwe esitokisini.
Ngihlale ngizwa ubuhlungu njalo uma ngibona imindeni esezinhlungwini ezinkonzweni ezinjengalezi. Ngeswela ngisho namazwi anele okududuza imindeni ngale mizuzu enzima kanje.
Ngithanda ukugcizelela ukuthi ukuphepha kwabagibeli kusezandleni zabashayeli nakubanikazi bezithuthi zomphakathi.
Abanikazi bezithuthi zomphakathi njengamatekisi namabhasi baneqhaza elikhulu abalibambayo ukuqinisekisa ukuthi abashayeli basezingeni elifanele futhi bakulungele ukushayela lezi zimoto.
Kumele kwenziwe uhlelo lokushintshana kwabashayeli, ukuze abashayeli ababili baphumuzane uma imoto ihamba ibanga elide.
Njengonhloko yalo Mnyango, ngizohlale ngenza lokho engibekelwe ukukwenza – ukuqinisekisa u-100% Compliance okungukuthobela umthetho ngokuphelele amahora angu-24 ngosuku, izinsuku ezingu-7 ngesonto nezinsuku ezingu-365 ngonyaka, ukuze siqinisekise ukuphepha emigaqweni yalesi fundazwe sethu.
Ngizophinda ngiqhubeke nokugcizelela umgomo wokuvikela ababuthaka (Defending the Weak), okubandakanya ukuvikela leyo ngane, umama noma ubaba ofayo emgaqweni ngenxa yokuthi umshayeli ubedakiwe, ehamba ngesivinini esikhulu, noma nje engawulandeli umthetho wogwaqo.
Omunye wemigomo ebekelwe uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ngokwakha isimo esinokuphepha emgwaqeni ngokunciphisa izingozi zomgwaqo.
Kule minyaka edlule uMnyango wethu ube nempumelelo ekugqugquzeleni umkhankaso wezokuphepha emgwaqeni owziwa ngo-ASIPHEPHE. Njengengxenye yalo mkhankaso, ngoDecember nyakenye uNgqongqoshe uCele uveze isiqubulo esisha esithi “From Zero Tolerance to 100% Compliance” okusho ukungagcini nje ngokuthi alufakwa kodwa kudingeka kuthobelwe imitheho ngokuphelele. Esinye kube ngesithi “Omela Ekhaya”.
Umkhankaso ka-Asiphephe usuqinise zinhlaka zoMnyango zokugcinwa komthetho waphinde wenza nezinhlelo zokufundisa ngezokuphepha emgaqweni ezikoleni nasemiphakathi esifundazweni sonke. Sekusungulwe imiKhandlu yoMphakathi yokuPhepha eMgaqweni (Community Road Safety Council) esifundazweni sonke ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uMnyango ubhekana ngendle eyiyo nezinkinga zokuphepha emgaqweni ezivezwa imiphakathi uqobo.
Njengeminye yemizamo yethu yokunciphisa izingozi zomgwaqo, sibe sesethula ngokusemthethweni umkhankaso wezokuphepha emgaqweni owaziwa nge-Keep Left , Pass Right, okusho ukuhamba ngakwesokunxele udlule kwesokudla uma kuphephile.
Inhloso-ngqangi yalo mkhankaso ngukugqugquzela abashayeli ukuba bhlale kwesokunxele ngaso sonke isikhathi, basebenzise umzila wesokudla uma besika enye imoto kuphela.
Umthetho ka-Keep Left Pass Right awumusha njengoba kuyiwona othathwa njengesisekelo semithetho yomgwaqo kuleli zwe.
Sengiphetha, njengoHulumeni sizoqhubeka nokwenza okusemandleni ukusiza imindeni nanoma ngayiphi indlela esingenza ngayo ngalezi zikhathi ezinzima.
back
|